Iziluleko nemithetho yokugana
1Maqondana nalokho enaloba ngakho, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane.
2Kepha ngenxa yobufebe akube-yilowo nalowo abe-nowakhe umfazi, nalowowesifazane abe-neyakhe indoda.
3Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni.
4Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo.
5Ningagodlelani, kuphela kube-ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibendawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
6Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo.
7Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe-njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.
8Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami.
9Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha.
10Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukane nendoda;
11— epha uma eké wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe — ndoda ingamlahli umkayo.
12Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli;
13nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda.
14Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.
15Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe-nokuthula.
16Ngokuba wena-mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe-ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?
17Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele, kube-yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.
18Ukhona obizwé esokile na? Kangabi-njengongasokile. Ukhona obizwé engasokile na? Kangasoki.
19Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.
20Akube-yilowo nalowo ahlale kulokhokubizwa abizwé ekukho.
21Ubizwé uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho. Kepha uma kwenzeka ukuba ukhululwe, kukhethe lokho.
22Ngokuba owabizelwa eNkosini eyisigqila ungokhululekile weNkosi; ngokunjalo nowabizwa ekhululekile uyisigqila sikaKristu.
23Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi-yizigqila zabantu.
24Bazalwane, akube-yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokho abizwé ekukho.
25Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi.
26Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe-njengalokhu enjalo.
27Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi.
28Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba-nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa.
29Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe-njengabangenabo, nabakhalayo babe-njengabangakhaliyo,
30nabathokozayo babe-njengabangathokoziyo, nabathengayo babe-njengabangenanto,
31nabasebenzisa lelizwe babe-njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo salelizwe siyadlula.
32Kepha ngifuna ukuba ningabi-nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi.
33Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe,
34wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe-ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe.
35Ngisho lokhu ukuba kube-lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.
36Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane.
37Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa-lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle.
38Kanjalo nowendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu.
39Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kubeseNkosini.
40Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.