Izikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu
1Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.
2Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.
3Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.
4Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.
5Ngakho-ke ningahluleli-lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.
Ukukhukhumala kwabaseKorinte nokuhlupheka kwabaphostoli
6Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina nakuApholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi-yilowo akhethe omunye kunomunye.
7Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?
8Senizé nasutha, senizé naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.
9Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina-baphostoli sibengabokugcina, sibe-njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.
10Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa.
11Kuze kube-yisona lesisikhathi silambile, somile, sihamba-ze, siyamuhluzwa, siyimihambima,
12siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela;
13sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube-manje.
14Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.
15Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
16Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.
17Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
18Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;
19kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.
20Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.
21Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?