Ukunikelelwa kwamakholwa
1Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.
2Ngosuku lokuqala lweviki akube-yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi-yikhathi kwenziwa umnikelo.
3Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;
4uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.
Ihlelo lokuhamba kukaPawulu
5Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;
6kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.
7Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.
8Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;
9ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.
10Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;
11ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.
12Maqondana nomzalwane uApholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.
13Lindani nigxile ekukholweni, nibengamadoda, nibe-namandla.
14Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
15Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwaseAkhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele
16ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.
17Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu noAkhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.
18Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.
Isigcino
19Amabandla aseAsiya ayakhonza kini. OAkwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.
20Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
21Nakhu ukukhonza kwami minaPawulu ngesandla sami.
22Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe-ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!
23Umusa weNkosi uJesu mawubenani.
24Uthando lwami alube-nani nonke kuKristu Jesu.