Ningahlubuki uNkulunkulu njengalokho benza abakwaIsrayeli
1Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;
2bonke babhapathizwa kuMose efwini naselwandle;
3bonke badla-kudla kunye komoya;
4bonke baphuza-kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.
5Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.
6Kepha lokho kwaba-yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.
7Futhi ningabi-ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.
8Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.
9Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.
10Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.
11Kepha lezozinto zabehlela bona kube-yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.
12Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.
13Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.
Ningakhonzi izithombe
14Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
15Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.
16Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?
17Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela lesosinkwa sinye.
18Bhekani uIsrayeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela nealtare na?
19Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na?
20Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe-nenhlanganyelo namademoni.
21Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.
22Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?
Inkululeko yobuKristu; uthando
23Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
24Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube-yilowo nalowo afunele omunye.
25Konke okuthengiswa esilaheni* kudleni, ningahloli-lutho ngenxa kanembeza,
26ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.
27Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi-lutho ngenxa kanembeza.
28Kepha uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,
29kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye. Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na?
30Uma ngidla ngokubonga, ngihlanjalazelwani ngalokho engikubongayo na?
31Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
32Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu,
33njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.