Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nenxenye yakwaManase
1Amadodana kaRubeni, izibulo likaIsrayeli — ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana kaIsrayeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.
2Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa —
3amadodana-ke kaRubeni, izibulo likaIsrayeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.
4Amadodana kaJoweli: nguShemaya indodana yakhe, noGogi indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe,
5noMika indodana yakhe, noRewaya indodana yakhe, noBali indodana yakhe,
6noBera indodana yakhe, owathunjwa nguThiligati-Phileneseri inkosi yaseAsiriya; wayeyisikhulu sabakwaRubeni.
7Nabafowabo ngemindeni yabo, bebhalwé ngezizukulwane zabo: ngoJehiyeli inhloko noZakariya,
8noBela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owahlala eAroweri kwaze kwaba-seNebo noBali-Mehoni.
9Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba-sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni uEwufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.
10Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.
11Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba-seSaleka:
12ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani;
13nabafowabo ngezindlu zawoyise: ngoMikayeli, noMeshulamu, noSheba, noJorayi, noJakani, noZiya, noEbere, beyisikhombisa.
14Labo babengamadodana ka-Abihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikayeli kaJeshishayi kaJahido kaBuzi;
15uAhi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise.
16Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba-semikhawulweni yawo.
17Bonke labo babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwaIsrayeli.
18Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba, ansala umnsalo, ayefundé ukulwa, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi.
19Aphaka impi kumaHagiri, noJeturu, noNafishi, noNodabi.
20Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.
21Asusa izinkomo zabo, namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.
22Ngokuba kwawa abaningi befile, lokhu impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala esikhundleni sabo aze athunjwa.
23Abantwana benxenye yesizwe sakwaManase bahlala kulelozwe, kusukela eBashani kuze kube-seBali-Hermoninase-Seniri nasentabeni yaseHermoni.
24Nazi izinhloko zezindlu zawoyise: oEferi, noIshi, noEliyeli, noAziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.
25Kepha baphambuka kuNkulunkulu wawoyise, balandela ngokuphinga onkulunkulu babantu balelozwe, uNkulunkulu abachithayo phambi kwabo.
26UNkulunkulu kaIsrayeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yaseAsiriya nomoya kaThiligati-Philineseri inkosi yaseAsiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kubenamuhla.