UDavide ulungisela ithempeli
1UDavide wathi: Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyialtare lomnikelo wokushiswa kaIsrayeli.
2UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababesezweni lakwaIsrayeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.
3UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa.
4nemisedari* engenakubalwa, ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.
5UDavide wathi: USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga ibankulu, ibatshazwe, ibe-negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela. Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.
6Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe, wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli indlu.
7UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.
8Kepha izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Uchithile igazi eliningi, uphaké izimpi ezinkulu; awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uchithé igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami;
9bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba-ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakubanguSolomoni*; ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona uIsrayeli emihleni yakhe;
10uyakwakhela igama lami indlu; uyakuba-yindodana yami, mina ngibe-nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwaIsrayeli kuze kube-phakade.
11Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe-nawe, ube-nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe.
12Kuphela uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngoIsrayeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho.
13Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngoIsrayeli; qina, ume-isibindi; ungesabi, ungabi-naluvalo.
14Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta* ayizinkulungwane eziyikhulu egolide, namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.
15Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:
16eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe-nawe.
17UDavide wayala zonke izikhulu zakwaIsrayeli ukusiza uSolomoni, wathi:
18UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
19Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.