Inhlakanipho kaSolomoni 6
Umsebenzi Obekwe Phezu Kwababusi
1“Ngakho-ke lalelani nina makhosi, niqonde. Fundani, nina bahluleli bemikhawulo yomhlaba. 2Lalelani, nina enibusa izinkumbi zabantu, niziphakamisa ngezizwe eziningi. 3Ngokuba umbuso wenu nawuphiwa yiNkosi, nobukhosi benu buvela koPhezukonke; uyakuyihlola imisebenzi yenu futhi abuzisise ngamacebo enu. 4Ngokuba anibusanga kahle njengezinceku zombuso wakhe, futhi aniwugcinanga umthetho, noma nihambe njengokwezimiso zikaNkulunkulu. 5Uyakuza kini kanzima nangokushesha, ngokuba izahlulelo zakhe ezinzima zehlela labo abasezikhundleni eziphakeme. 6Ngokuba abathotshisiweyo bayakuthethelelwa ngomusa, kodwa abaphakeme bayakuvivinywa kakhulu.
7“INkosi yabo bonke ayesabi muntu, futhi ayinatwetwe ngabakhulu; ngokuba yiyo uMdali wabakhulu nabancane, futhi ibakhumbula bonke ngokufanayo. 8Kodwa abaphakanyisiweyo nabanamandla bayakuhlolwa ngokunzulu. 9Ngakho-ke amazwi ami abhekiswe kini babusi, ukuze nifunde ukuhlakanipha futhi ningephuli imithetho. 10Ngokuba bayakwenziwa ngcwele abagcina izinto ezingcwele ngobungcwele; nalabo abafundiswe ngazo bayakuthola amazwi okuzivikela. 11Ngakho-ke langazelelani amazwi ami, womeleni khona niyakufundiswa.”
Ukubaluleka Kokuhlakanipha
12Ukuhlakanipha kuyabengezela ngukukhazimula futhi kakugqwali, abakuthandayo basheshe bakubone nabakufunayo bakuthole. 13Kuyakhawuleza kuhlaluke kulabo abakuphokopheleleyo. 14Novuka ekuseni akufune kayikufumana bunzima, ngokuba kuyakutholakala kuhlezi esangweni lakho. 15Ukubeka ingqondo yakho kukho kungukuqonda okuphelele, nohlezi ephapheme ngenxa yakho uyakukhululwa kweminye iminako, 16ngokuba kuyahamba kufuna labo abakufanele, futhi kuyazibonakalisa kubo ezindleleni zabo, kuhlangabezana nabo nakumuphi umcabango wabo.
17Ukuqala kokuhlakanipha kungukulangazelela okuhle kofuna ukufundiswa, futhi ukukhathazeka ngokufundiswa kungukukuthanda khona impela, 18ukukuthanda kungukugcina imiyalo yakho, ukulalela imithetho yakho kuyisiqiniseko sokuphila okuphakade, 19ukuphila okuphakade kusondeza umuntu kuNkulunkulu; 20ngakho-ke ukulangazelela ukuhlakanipha kuholela embusweni kaNkulunkulu. 21Ngakho-ke uma nina babusi babantu nithokoziswa yizihlalo nezintonga zokubusa, kuhlonipheni ukuhlakanipha, ukuze nibuse phakade.
USolomoni Ulangazelela Ukwabelana Ngokuhlakanipha
22Ngizakunitshela ukuthi ukuhlakanipha kuyini nokuthi kwavela kanjani, angizukunifihlela lutho kodwa ngizakulanda ngezindlela zakho kusukela ekuqaleni kokudalwa, ngiveze ngokusobala ulwazi ngakho, anginakuligwema iqiniso, 23futhi angiyukuba mdibimunye nabanomhawu, ngokuba umhawu awunabudlelwano nokuhlakanipha. 24Ubuningi babahlakaniphileyo buyinsindiso yomhlaba, ukuhlakanipha kweNkosi kunikeza ukuthula kunoma yimuphi umuntu. 25Ngakho-ke fundani emazwini ami khona-ke niyozuza.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.