1Ngakho-ke labo bantu bajeziswa ngokufaneleyo ngalezo zilwane, futhi bahlushwa ngezilwane eziningi. 2Esikhundleni sesijeziso esifana nalesi, ubonise abantu bakho umusa, wabalungisela izagwaca ukuba badle, ukudla okumnandi ukuqeda indlala; 3ukuze kuthi labo bantu nxa belangazelela ukudla, balahlekelwe nayilokho kulangazela okusasele ngenxa yezilwane ezesabisayo abazithunyelelwe, kanti abantu bakho emva kokuhlupheka isikhashana, bafisa ukuzenelisa ngokumnandi. 4Kwakufanele ukuba labo abangabacindezeli behlelwe ngukufisa bangenakukubalekela, abanye bakhonjiswa nje indlela abacindezeli abahlushwe ngayo. 5Ngokuba lapho ulaka olukhulu lwezilwane zasendle lwehlela abantu bakho, futhi bebhujiswa ngokulunywa zinyoka, ulaka lwakho aluqhubekanga kwaze kwaba sekugcineni; 6bahlushwa isikhashana njengesexwayiso, futhi bemukeliswa uphawu lokuhlengwa ukubakhumbuza okuyalwe ngumthetho wakho.
7Lowo owaphendukela kuwo wasindiswa, kungengayo into ebonwayo, kodwa ngawe, Msindisi wakho konke. 8Nangalokhu wabonisa izitha zethu, ukuthi nguwe owophulayo ebubini. 9Ngokuba bona babulawa ngukulunywa yisikhonyane nezibawu, futhi kabatholelwanga okwakungabaphilisa, ngokuba babefanele ukujeziswa ngalezi zinto. 10Kepha abantwana benu abehlulwanga ngisho ngukuluma kwezinyoka ezinobuthi, ngokuba wehlisela isihawu sakho kubo wabaphilisa.
11Wabashaya ubakhumbuza ngowakushoyo, kodwa wase ubakhulula ngokushesha, ukuze bangehlelwa ngukukhohlwa okunzulu, bese bengabi nandaba nesihawu sakho. 12Ngokuba akubangakho khambi nantoni eyayingabaphilisa, kodwa yizwi lakho, Nkosi, eliphilisa bonke abantu. 13Ngokuba unamandla phezu kokuphila nokufa; uyaziholela izidalwa emasangweni ehayidesi uphinde uzibuyise futhi. 14Umuntu osebubini uyambulala omunye, kodwa kakwazi ukubuyisa umphefumulo ophumile, noma akhulule uphefumulo oboshiwe.
Iziphepho Ezimbi Zishaya IGibhithe
15Akulula ukuphunyuka esandleni sakho; 16ngokuba abangalungile, bengafuni ukukwazi, bashaywa ngamandla engalo yakho, balandelwa yizimvula ezingejwayelekile, nesichotho kanye nesiphepho esingapheli, futhi babhujiswa baqedwa ngumlilo. 17Okwakungakholakali kunakho konke emanzini acima konke, umlilo waba namandla amakhulu ngokuba umhlaba uyabavikela abalungileyo. 18Kukhona isikhathi okwaba sengathi uyadanjiswa umlilo, ukuze ungabhubhisi izilwane ezazithunyelelwe abangalungile, ze bathi bekubona lokhu bazi ukuthi bathungathwa yisijeziso sikaNkulunkulu; 19nangesinye isikhathi umlilo wavutha kakhulu naphakathi kwamanzi, ukubhubhisa isivuno sezwe labangalungile.
Abakwa-Israyeli Banikwa Imana Ukuba Badle
20Esikhundleni salezi zinto wanikeza abantu bakho ukudla kwezingelosi, bengakujulukelanga, wabenelisa ngesinkwa esilungele ukudliwa sivela emazulwini, esasiletha ukuthokoza kunoma ngubani futhi simnandi kubo bonke. 21Ngokuba ukubenelisa kwakho kwakhombisa ukubathokozela abantwana bakho; nesinkwa esasimphilisa lowo osamukele, saphendulwa salungela bonke. 22Iqhwa lamelana nomlilo kalaze lancibilika, ukuze bazi ukuthi izitshalo zezitha zabo zazibhujiswa ngomlilo owawuvutha phakathi kwesichotho ulanguka naphakathi kwamathonsi emvula, 23nanxa umlilo walibala ngamandla awo ukuze abalungileyo bondliwe.
24Ngokuba indalo ikhonza wena owayenzayo, isebenzisa amandla ayo ukujezisa abangalungile, kuthi ngomusa idambise ulaka lwayo ngenxa yalabo abethembela kuwe. 25Ngakho-ke futhi ngasona leso sikhathi, yaguquka yaba yizimo ezehlukeneyo, yenelisa ngokuchichimayo izifiso zalabo ababenesidingo; 26ukuze abantwana bakho, obathandayo, Wena Nkosi, bafunde ukuthi akusikho ukuba khona kwesivuno okondla isintu kodwa izwi lakho liyabaphilisa labo abethembela kuwe. 27Ngokuba lokho okungaqothulwanga ngumlilo kwancibilikiswa ngukufudunyezwa yimisebe yelanga eyayedlula masinyane, 28ukuze kwazeke ukuthi umuntu umelwe avuke ngaphambi kokuphuma kwelanga ukuze alethe ukubonga kuwe, futhi kufanele akhuleke kuwe ekuthatheni kokusa, 29ngokuba ithemba lomuntu ongabongiyo liyakuncibilika okwesithwathwa sasebusika, ligeleze okwamanzi angenamsebenzi.