Ubulima Bokukhonza Imvelo
1Bonke ababengamazi uNkulunkulu bayizilima ngokwemvelo; labo yibo ababuka izinto ezinhle ezibazungezile, kodwa behluleke ukubona Ophilayo, behluleka ukubona uchwepheshe wemisebenzi ababeyicwaninga; 2kodwa bacabanga ukuthi kumbe umlilo noma umoya osheshayo, noma isiyingi sezinkanyezi, noma amanzi azamazamayo, noma izinkanyiso zezulu, yikho okungonkulunkulu ababusa umhlaba. 3Uma kuthe ngokuthokoziswa ngubuhle balezi zinto, abantu bazithatha njengonkulunkulu, mabazi ukuthi oyiNkosi yabo ungcono kangakanani kunalokhu, ngokuba ongumthombo wobuhle uzidalile zonke lezi zinto.
4Uma abantu bebemangaliswa amandla nokusebenza kwazo, mababone kuzo ukuthi unamandla angakanani lowo ozenzileyo lezi zinto. 5Ngokuba ebukhulwini nasebuhleni bezinto ezidaliweyo kuvela ngokunjalo ukwazi ngonguMdali wazo. 6Nokho laba bantu bangesolwe ngokungako, ngokuba kunokwenzeka ukuba baduka nje bazama futhi bafisa ukuthola uNkulunkulu. 7Ngokuba nanxa behlala phakathi kwemisebenzi yakhe, bayaqhubeka nokufuna, bethembela kwabakubonayo, ngokuba abakubonayo kuhle. 8Nokho nabo abanakuthethelelwa; 9Ngokuba uma benamandla okuba nolwazi olungaka, kangangokuba bangacwaninga umhlaba, yini ebenze behluleka ukufumana ngokushesha oyiNkosi yalezi zinto na?
Ubulima Bokukhonza Izithombe Ezibaziwe
10Kepha badabukisa kakhulu labo bantu abathi bebeke ithemba labo ezintweni ezifile, bazibize nangamagama okuthi ngonkulunkulu besho izinto eziyimisebenzi yezandla zabantu: igolide nesiliva elibunjwe ngobuciko, kanye nemifanekiso yezilwane noma itshe elingenamsebenzi, umsebenzi wesandla sasendulo.
11Umgawuli onekhono, unokugawula umuthi olula kuye ukuba awuthwale, awuxebule amaxolo ngobuciko, bese kuthi ngobuchule obumangalisayo enze isitsha sokwenelisa izidingo zempilo, 12bese eshisa onke amabazela elungisa ngawo ukudla, adle asuthe. 13Kepha kuthi ingxenyana phakathi kwalamabazela engenalusizo lwalutho, induku egobile egcwele amaqhuzu, ayithathe ayibaze ngobuciko ngesikhathi sakhe sokuphumula, ayilolonge ngobuciko abuthole ekungenzini lutho, ayenze ibe ngumfanekiso womuntu, 14noma ibe ngumfanekiso wesilwane esingenamsebenzi, ayipende ngopende obomvu, enze nobuso bayo bube bomvu, agcike noma sici sini esinye ngopende; 15ayenzele isihibe esihle, ayichome obondeni, ayibophele khona ngensimbi. 16Ukwenza konke lokhu ukuqikekela ukuba ingawi, ngokuba uyazi ukuthi ayikwazi ukuzisiza iyisithombe nje esidinga ukusizwa. 17Lapho ekhuleka ngempahla yakhe, ngomshado, nangabantabakhe kanamahloni okukhuluma nalento engenampilo. 18Ucela impilo entweni engenamandla; akhulekele ukuphila kwakhe entweni efile; acele nosizo entweni engezwa lutho; acele nendlela enhle, entweni engakwazi nokuphakamisa unyawo nolulodwa nje; 19acele ukwenza imali, nomsebenzi, nempumelelo ngezandla zakhe, ucela namandla entweni ezingalo zayo zingenamandla.