Insizwa:
1Sengingenile esivandeni sami,
dadewethu, makoti wami!
Sengiyibuthile imure yami
namakha ami,
sengiwadlile amakhekheba ami
noju lwami,
ngaphuza iwayini lami
nobisi lwami.
Abangani:
Yidlani bangani, niphuze,
niphuze neneliseke, zithandwa.
Ukulangazelela Kwentombi
Intombi:
2Bengilele,
kodwa inhliziyo yami ibhekile;
ngezwa izwi lothandiweyo wami
engqongqoza!
“Ngivulele dadewethu,
sithandwa sami,
juba lami,
wena opheleleyo wami,
ngokuba ikhanda lami
ligcwele amazolo;
imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”
3Sengiyikhumulile ingubo yami,
ngingaphinde ngiyigqoke kanjani?
Sengizigezile izinyawo zami,
sengingazigcoliselani na?
4Othandiweyo wami wangenisa isandla sakhe embotsheni,
izibilini zami zamlangazelela.
5Ngavuka ngamvulela
othandiweyo wami,
izandla zami
zaconsa imure,
nemure eyayiseminweni yami,
yagelezela phezu
kwezibambo zesihluthulelo.
6Ngamvulela othandiweyo wami,
kodwa othandiweyo wami
wayesejike wahamba,
umphefumulo wami wephuka
lapho esephendukele eceleni,
ngamfuna kodwa ngangamthola,
ngambiza, akaze angiphendula.
7Ngatholwa ngabaqaphi
ababehla benyuka emzini,
bangishaya, bangilimaza,
abaqaphi bezingange
bangihlubula ingubo yami.
Ukuphendulana Kwensizwa Nentombi
8Madodakazi aseJerusalema
fungani!
Uma nimthola othandiweyo wami,
niyomtshela yini ukuthi
ngiyazifela ngaye na?
Abangani:
9Othandiweyo wakho
ubedlula ngani abanye,
wena omuhle phakathi
kwabo bonke abesifazane na?
Othandiweyo wakho
ubedlula ngani abanye,
ukuze usifungise
kanjalo na?
Intombi:
10Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe,
ubomvu, uyakhanga phakathi kweshumi lezinkulungwane.
11Ikhanda lakhe liyigolide,
igolide loqobo elicolisekileyo.
Imiyeko yakhe
mikhulu njengehlathi,
imnyama njengegwababa.
12Amehlo akhe anjengamajuba
ngasemiseleni yamanzi,
agezwe ngobisi
ehleli ngasemiseleni egcwele.
13Izihlathi zakhe
zifana nombhede wamakha,
imibhoshongo yamakhambi
anephunga elimnandi.
Izindebe zakhe zomlomo
zifana neminduze
econsa imure emanzi.
14Izingalo zakhe
ziyizindilinga zegolide
ezigcwaliswe ngamakhrisolithe.
Umzimba wakhe
ungathi wenziwe
ngophondo lwendlovu,
wembozwa ngamasafire.
15Imilenze yakhe
iyizinsika zemabuli
ezibekwe phezu kwezisekelo
zegolide loqobo.
Isiqu sakhe sifana
neLebhanoni,
sinjengemisedari ekhethekileyo.
16Okuphuma emlonyeni
wakhe kumnandi,
konke ayikho kuyanxaneleka.
Yilowo othandiweyo wami,
yilowo-ke ongumngani wami,
madodakazi aseJerusalema.