USirakhi 9
Abesifazane
1Ungabi nesikhwele ngomkako; uyomfundisa isifundo esibi esiyolimaza wena uqobo. 2Unganikeli umphefumulo wakho kowesifazane, hleze adicilele phansi amandla akho. 3Ungasondeli eduze kowesifazane ongenasimilo, ngoba uyozithola usuzithele kunoxhaka. 4Ungabi ngumngani nentombazane edansayo, funa ubanjwe amaqhinga ayo. 5Ungayigqolozeli intombi nto hleze ukhubeke uzithole sewenze icala. 6Unganikeli umphefumulo wakho esifebeni, funa ulahlekelwe yilo lonke ifa lakho. 7Ungahambi uqalaza emigwaqeni yedolobha noma uzulazule ezindaweni ezingajwayelekile. 8Ungavumeli iso lakho linamathele entokazini ekhalo lwayo kungathi ngumnyovu noma unxanele umfazi womunye umuntu. Baningi abahehwe ubuhle bowesifazane, kwavuka izinkanuko ezifana nomlilo. 9Ungalokothi uhlale etafuleni udle nomkamuntu noma uphuze naye iwayini, inhliziyo yakho ingathuka isimkhanuka kuthi ngokuvutha kwenkanuko uphaphame usuzicekele phansi.
Ubungani Nontanga Yakho
10Ungamlahli umngani wakho omdala; omusha kasobe alingana naye. Umngani omusha ufana newayini elisha, lingakabili litshode awukwazi ukuthoza ngalo. 11Ungayihawukeli impumelelo yezoni; ngoba awusazi isiphetho sazo ukuthi siyoba njani. 12Ungakujabuleli okuthokozisa ababi; khumbula ukuthi balindelwe yisijeziso ngakho konke abakwenzileyo.
13Deda kubantu abanamandla okubulala, khona ungayikuhlushwa ukwesaba ukufa; kodwa uma usondelane nabo, uqaphele izinyathelo zakho, funa bakubulale. Qonda ukuthi uphakathi kwezincijo nokuthi uhamba ewathangeni lomuzi wempi. 14Bazi ubaxwaye omakhelwane bakho kodwa uxhumane nabahlakaniphileyo. 15Jwayela ukuxoxa nabantu abanomqondo ophusile, ukuxoxa kwenu makube ngomthetho woPhezukonke. 16Zijwayeze ukuhlala udle etafuleni nabalungileyo, kuthi ukwesaba uSimakade kube yintokozo yakho.
Ababusi
17Umsebenzi unconywa ngekhono lombazi wawo, nomholi waziwa ngobuciko bokukhuluma kwakhe. 18Abakhulumela futhi bayesatshwa emzini, lowo oyibhimbi lokukhuluma wenyanywa yibo bonke.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.