1Ungabi yisitha esikhundleni sokuba uthande. Ngokuba ububi bunikeza igama elibi futhi buyahlazisa, ngaleyo ndlela nesono siyadumaza. 2Ungavumi ukubuswa yinkanuko ukuze umphefumulo wakho ungabi njengontwengulwe yinkunzi. 3Inkanuko iyoshwabadela uloya lwakho ichithe isithelo sakho, usale usufana nesihlahla esomileyo. 4Izinkanuko ezimbi ziyamlimaza ozifukameleyo, futhi zimenze inhlekisa ezitheni zakhe.
Ubungani
5Amazwi amnandi akwandisela abangani, ukukhuluma ngokucophelela kwandisa ubungani. 6Mabande labo abanobungane nawe, kodwa mababe yingcosana abeluleki bakho. 7Nxa uthola umngane qala ngokumhlola, ungasheshi ukumethemba. 8Ngokuba omunye umngane wethembekile uma izinto zivuna yena, kodwa akulaxaze ngesikhathi sobunzima. 9Omunye uphenduka isitha akuvukele akwembule izinqe phambi kwabantu. 10Kukhona ohlala nawe ekudleni kodwa ngesikhathi sobunzima akushiye obishini.
11Nxa izinto zikuhambela kahle baba njengewele lakho, bakhulume kamnandi nezisebenzi zakho, 12kepha lapho usushaywe umhlaba bakuphendukele bangabe besabonwa nangalukhalo. 13Hambela kude nezitha zakho, ubaqaphele abangani bakho. 14Umngani othembekile ungumpheme wokuphephela, othola onjalo ufumene ingcebo yoqobo. 15Umngani othembekileyo angelinganiswe nantengo, ukubaluleka kwakhe akulinganiseki. 16Umngani oqotho uyikhambi lokuhlenga impilo, utholwa kuphela yilabo abesaba iNkosi. 17Lowo owesaba uSimakade uba nobungani obuphilayo, ngalokho-ke uyaphilelana nomakhelwane wakhe.
Funda Kukho Ukuhlakanipha
18Mntanami, khetha ukuzithiba ebusheni bakho khona kothi lapho sewungwevu ufumane ukuhlakanipha. 19Yiza ekuhlakanipheni njengomlimi olima atshale, bese ulindela isivuno sakho esihle. Ngokuba awuyikuzikhandla kakhulu, masinyane bese udla isithelo sakho. 20Kubukeka kunesihluku kwabangenakho ukuzithiba akunasikhathi neziphukuphuku, 21njengetshe elisindayo kuyamhlola oyisiwula kuzwe amandla akhe, azichithi sikhathi iziwula ukuba zikudicilele phansi. 22Ukuhlakanipha kufana negama lakho, akukho obala kwabaningi.
23Lalela mntanami, wamukele izahlulelo zami, ungasenqabi iseluleko sami. 24Bopha izinyawo zakho ngamaketango okuhlakanipha, nentamo yakho ejokeni lakho. 25Thobisa amahlombe akho ukwetshathe, ungakhonondi lapho usejokeni lakho. 26Yiza kukho ngenhliziyo yakho yonke, ugcine izindlela zakho ngamandla akho onke. 27Kufune, ukufunisise khona kuyokuzibonakalisa kuwe, kubambise okwezikhali zamantungwa, ungakudedeli. 28Ngokuba ekugcineni kuyakukunikeza ukuthula, kuyakuguqulwa kube yintokozo kuwe. 29Izibopho zakho ziyoba yinqaba yokukuvikela, kuthi ijoka lakho, libe yimvunulo yakwanokusho. 30Ngokuba ijoka lakho lingumhlobiso wegolide, nezibopho zakho ziyintambo ebubende. 31Uyokwembatha njengemvunulo enhle, ukugqoke njengomqhele wentokozo. 32Uma uthanda, mntanami, uyoqeqeshwa, uma ubeka umphefumulo wakho kukho, uyakuhlakanipha; 33uma uthanda ukulalela, uyakuthola ulwazi; uma ubeka indlebe, uyokhula ekuhlakanipheni. 34Zihlanganise nezingwevu zebandla. Ukhona ohlakaniphile na? Zihlanganise nonjalo.
35Hlala ulungele ukulalela izinkulumo ezakhayo; makungabikho mqondo ohlakaniphile okweqayo. 36Uma uthola umuntu ohlakaniphile, vuka entathatha uyokumvakashela, izinyawo zakho zibhudule kwakhe. 37Zindla ngezimiso zeNkosi, ujule njalo ngemithetho yayo. Yiyo eyakuhlalukisa ingqondo yakho, iphumelelise isifiso sakho sokuhlakanipha.