1Ukuphakama kwezindawo zaphezulu kufana nokucweba kwesibhakabhaka, kuhle ukukubuka ngoba kufana nezulu uqobo lwalo. 2Ilanga, lapho liphuma, limemezela ubuhle bakhe, lihle kangakanani, lingumsebenzi wezandla zoPhezukonke. 3Ngenhlazane lidala isigagadu emhlabeni, ngubani ongamelana nokushisa kwalo na?
4Umuntu obasela isithando somlilo usebenza phakathi kokushisa okukhulu, kodwa ilanga lisedlula ngokuphindwe kathathu lapho lishisa ezintabeni; likhafula umsokama ongumlilo, kanti imisebe yalo ecwazimulayo ixhopha amehlo. 5Mkhulu uNkulunkulu olenzileyo; kuthi ngokuthunywa nguye liphuthume emzileni walo.
USimakade Wadala Indalo
6Inyanga ikhomba ukuguquka kwesikhathi, iphethe izikhathi futhi iluphawu lwaphakade. 7Lapho abantu bebuka inyanga bayakhanyelwa ngukuthi sekuyizinsuku zemikhosi, lokhu wukukhanya okungathi kuyafiphala lapho seyiluqeda uhambo lwayo. 8Ukuthwasa kwenyanga, njengoba lisho igama lakho, kukhomba ukuvuseleleka kwayo, inhle kangakanani ngesikhathi sayo soguquko, ifana nophawu emazulwini, ikhanya ezinzulwini zesibhakabhaka. 9Inkazimulo yezinkanyezi ingubuhle bezulu, nobucwebe bungubuhle beNkosi.
10Ngezwi loNgcwele izinto zonke zama ngononina; aziphumuli ekulindeni kwazo. 11Bheka uthingo lwenkosazana, umdumise olwenzileyo; luhle ngokungachazeki ebukhazikhazini balo. 12Luzungeza isibhakabhaka ngobuhle balo; izandla zoPhezukonke zilwelule lwagcwala isibhakabhaka. 13Ngezwi lakhe uthumela iqhwa, asheshise ukuphazima kokwahlulela kwakhe. 14Ngakho-ke izinqolobane zezulu zivulekile, amafu andizisa okwezinyoni ephuma kuzo. 15Ngobukhosi bakhe unikeza amafu amandla awo, kuthi nesichotho asihlakaze sibe zicucu. 16Lapho evela, izintaba ziyathuthumela. Ngokuthanda kwakhe, umoya weNingizimu uyavunguza.
17Izwi lokuduma kwakhe lithuthumelisa umhlaba; kanjalo isiphepho nesivunguvungu esivela eNyakatho. 18Uchitha iqhwa njengenyoni endiza yehlela, ukwehla kwalo kufana nesikhonyane sehlela emhlabeni. Iso liyaxhopheka ngubuhle bobumhlophe balo, ingqondo iyamangala ibuka ukukhithika kwalo. 19Uthulula ungqweqwane phezu komhlaba njengosawoti, kuthi izinciji zalo zimise okwameva. 20Umoya obandayo waseNyakatho uyavunguza, kuthi iqhwa lishuqe liqine phezu kwamanzi; lihlala phezu kwalelo nalelo chibi, amanzi alembathe njengesivikelo sesifuba. 21Uqothula izintaba, ashise ihlane, abunise utshani kungathi ngomlilo. 22Inkungu iyashesha ikuphilise konke; kuthi amazolo ayo alethe ukuhlumeleleka ekushiseni kwelanga.
23Ngokwecebo lakhe wathulisa ukujula kolwandle, wamisa iziqhingi kulo. 24Labo abahamba olwandle balanda ngezingozi zalo, thina simangaliswa ngesikuzwayo ngezindlebe zethu. 25Kukhona kulo izidalwa ezixakile nezinhlobonhlobo, zonke izinto eziphilayo, izinunu ezinkulu zolwande. 26Ngenxa yakhe zonke izithunywa zakhe ziyaphumelela, ngezwi lakhe zonke izinto zibambene. 27Singasho okuningi kodwa konke ngeke kwanele; izwi lokugcina malibe: “Uyikho konke.”
28Singawatholaphi amandla okumdumisa na? Ngokuba mkhulu kunemisebenzi yakhe yonke. 29Uyesabeka Nkosi umkhulu kakhulu, namandla akho ayamangalisa. 30Yidumiseni iNkosi niyiphakamise ngamandla enu, ngokuba ingaphezu kwakho konke. Lapho niyiphakamisa, makube ngamandla enu onke, maningakhathali, ngokuba angeke nakwazi ukuyidumisa ngokwaneleyo.
31Ngubani osewake wayibona futhi ongayichaza na? Ngubani ongayitusa njengoba injalo na? 32Izinto eziningi ezingaphezu kwalezi zihlala zifihlakele, ngokuba mina ngibonile okumbalwa kwemisebenzi yakhe. 33Ngokuba iNkosi uSimakade izenzile zonke lezi zinto, inikile futhi inhlakanipho nakwabangcwele.