USirakhi 41
UKufa
1We kufa! Kubuhlungu kangakanani ukucabanga ngawe konethezekile enokuthula kungekho akhathazeke ngakho ngenxa yengcebo yakhe, edla ukudla kwakhe ngentokozo nangomfutho! 2O kufa! Kumnandi kangakanani ukwamukela isinqumo sakho kulowo oweswele nomandla akhe ephela, ekhahlazwe iminyaka futhi ekhathazekile ngezinto eziningi; ophikisana nentando yakho nophelelwe ngukubekezela! 3Ungakwesabi lokho okunqunywe ngukufa ngawe; khumbula labo asebekwendulele nalabo abasazolandela. 4Lokhu kuyisimiso seNkosi ngenyama yonke; kungani pho umelane nentando yoPhezukonke na? Noma ngabe uphila iminyaka elishumi nje noma eyikhulu noma eyinkulungwane, akukho mibuzo ebuzwayo eHayidesi. 5Izingane zababi ziyisinengiso zimdibi munye nababi ekwesabiseni kwabo. 6Ifa lezingane zezoni liyakushabalala, futhi ihlazo elingapheliyo liyohlala enzalweni yabo. 7Abantwana bayakumsola uyise ongenabunkulunkulu, ngokuba bethwele ihlazo ngenxa yakhe. 8Maye kinina, enibabi, eniwulahlile umthetho kaNkulunkulu oPhezukonke! 9Uma nizele, okubi kuyokwehlela inzalo yenu; niyakubazalela ubuhlungu nokububula. Lapho nifa, isiqalekiso sibe yisabelo senu. 10Konke okuvela emhlabathini kubuyela kuwo; ngakho-ke abangalungile basuka ekuqalekisweni baye encithakalweni. 11Umzimba womuntu uyinto edlula ngokushesha, kodwa igama eliqotho alisoze lacinywa nanini . 12Lihloniphe igama lakho, ngoba lona liyakuphila kade kunawe, kade kunezindimbane eziyinkulungwane zegolide. 13Izinsuku zempilo emnandi zibaliwe, kodwa igama elihle lihlala ingunaphakade. 14Bantabami, philani ngendlela enafundiswa ngayo, khona niyoba nokuthula; inhlakanipho efihliwe, kanye nengcebo engabonwa – kunalusizo luni lokhu? 15Ungcono umuntu obufihlayo ubuphukuphuku bakhe kunalowo ofihla ukuhlakanipha kwakhe. 16Ngakho-ke wahloniphe amazwi ami; ngokuba akulungile ukuba uzizwe unamahloni kunoma yisiphi isimo, futhi akwemukelekile ukuba uthole ukuhlukunyezwa noma okunjani. 17Yiba namahloni ngesimilo esixegayo, phambi kukayihlo nonyoko; nangamanga, phambi kwendodana yenkosi; 18nangecala phambi komahluleli nemantshi; ngokwephula umthetho phambi kwebandla nabantu; ngobugebengu, 19phambi komlingani nomngani wakho; ngokweba endaweni lapho uhlala khona. 20Yiba namahloni ngokwephula isifungo nesivumelwano, ngokwencika endololwaneni yakho ekudleni; 21ngokugcwala indlakadla ekwamukeleni nasekupheni, nangokuthula phambi kwalabo abakubingelelayo; 22noma ngokubuka isifebe, ngokungafuni ukuzwa ukuzikhalela kwesihlobo sakho; 23nokuthatha ingxenye engeyomunye nesipho sakhe, ngokubuka umfazi womunye umuntu; 24noma ngokugcweleza izisebenzi zakhe futhi ungasondeli kowakhe umbhede; 25ngamazwi amabi anesihluku, phambi kwabangani bakho, ungabi yisiphoxi emuva kokunika isipho. 26Yiba namahloni ukuphinda lokho okuzwile, noma ekunamululeni izimfihlo. 27Ngaleyo ndlela uyokhombisa amahloni afanelekile futhi uyakuthola umusa kubo bonke.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.