USirakhi 36
Umkhuleko Wabantu BakaNkulunkulu
1Yiba nomusa kithi Nkulunkulu wendalo yonke, wenze izizwe zonke zikwesabe. 2Phakamisa isandla sakho umelane nabezizwe ukuze babone amandla akho. 3Njengokuba usisebenzisile ukuba ukhombise ubungcwele bakho kubo, basebenzise nabo ukuba ukhombise inkazimulo yakho kithi. 4Bayakwazi njengoba nathi sazi, ukuthi akekho omunye uNkulunkulu ngapahandle kwakho Nkosi. 5Baphe izibonakaliso ezintsha wenze nezinye izimangaliso; yenza ukuba isandla sakho nengalo yakho yesokunene kukhazimule. 6Vusa ulaka lwakho wembathe intukuthelo yakho; ubhubhise isitha usiqede nya. 7Sheshisa usuku, ukhumbule isikhathi esimisiweyo, wenze ukuba abantu bafakaze ngemisebenzi yamandla akho. 8Makuthi abasindileyo babhujiswe umlilo wolaka lwakho, kuthi labo abalimaza abantu bakho bachithwe. 9Phihliza ikhanda labaholi abakuvukelayo, abathi: “Akekho omunye ngaphandle kwethu.” 10Butha zonke izizwe zakwaJakobe, uzinike isabelo sazo njengasekuqaleni. 11Yiba nomusa, Nkosi, kubantu ababizwa ngeGama lakho, ku-Israyeli, ombize ngezibulo lakho.
Ukukhetha Umfazi
12Wuhawukele umuzi okuzinze kuwo ubungcwele bakho, iJerusalema, indawo lapho uhlala khona. 13Ligcwalise iZiyoni ngobukhosi bakho, nabantu bakho ngobungcwele bakho. 14Fakaza kulabo owabenzayo kwasekuqaleni, ugcwalise zonke iziphrofetho ezakhulunywa egameni lakho. 15Bavuze labo abakulindelayo, wenze ukuba abaphrofethi bakho bafumaniseke bethembekile. 16Yizwa, Nkulunkulu, umkhuleko wezinceku zakho, bese ubusisa abantu bakho ngo-Aroni, 17kuze kwazi umhlaba wonke ukuthi uyiNkosi, uNkulunkulu wezikhathi zonke. 18Isisu samukela noma ngabe yikuphi ukudla, nanxa okunye ukudla kungcono kunokunye. 19Njengoba ulimi lunambitha izinhlobonhlobo zobumnandi, kunjalo nengqondo ehlakaniphile iyashesha ukubamba amazwi angubuwula. 20Ingqondo eyonakele idala ubuhlungu, kodwa umakadebona ubuyisela okuhle. 21Umuntu wesifazane wemukela noma yimuphi umuntu wesilisa njengomyeni wakhe, kodwa enye intombi iyancomeka kunenye. 22Ubuhle bowesifazane buyabukhanyisa ubuso bowesilisa, akukho okunye akufisa kakhulu kunalokho. 23Uma inkulumo yakhe igcwele ubumnene nentobeko, umyeni wakhe unenhlanhla enkulu kunamanye amadoda. 24Lowo othola umfazi uzitholela isipho esihle kakhulu, umsizi omfanele kanye nensika emesekelayo. 25Lapho kungabiyiwe khona, impahla yalowo iyochithwa; nalapho kungekho khona umfazi, indoda yofana nobhacile kanye nomhambuma. 26Ngokuba ngubani ongethemba isigebengu esisheshayo esindiza sisuka kulo muzi siya kulowaya na? 27Ngubani ongethemba indoda engenaso isidleke, kodwa elala lapho ihlwelwe khona.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.