Inkinga Edalwa Yingcebo
1Ukukhathazeka ngengcebo kuyokunciphisa emzimbeni, uphelelwe ngubuthongo. 2Ukukhathazeka ngengcebo kuqeda ubuthongo futhi kudala ukugula okukhulu. 3Umuntu ocebile uyasebenza ukuze andise ingcebo yakhe kuthi lapho esephumule azitike ngobumnandi bayo. 4Ompofu uyasebenza ukuze akwazi ukuphila, uma ethi uyaphumula, ugcina esentule kakhulu. 5Lowo othanda igolide kanakulungisiswa, nalowo oxoshana nemali iyomchezula endleleni. 6Baningi abawile ngenxa yegolide, ukubhubha kwabo kwabaqonda ngqo.
7Liyisikhubekiso kulabo abalilangazelelayo. Bonke abayiziduphunga baphenduka iziboshwa zalo. 8Ubusisiwe umuntu ocebile futhi ofunyanwa engenasici, ongahambi ethungatha ingcebo. 9Ungubani lowo, ukuze nathi simdumise? Ngokuba wenze izimangaliso phakathi kwabantu bakhe. 10Ngubani osewake wavivinywa yilo wafumaniseka ephelele? Makazishaye isifuba ngalakho. Ngubani osewake wanamandla okweqa umthetho kodwa akaze awephula, owaba namandla okwenza okubi kodwa akaze akwenza na? 11Impumelelo yakhe iyakumiswa kuthi umbuthano wabantu uphakamise izenzo zakhe zothando.
Emadilini
12Ngabe uhleli etafuleni lezikhulu na? Ungalihawukeli, ungasho futhi ukuthi: “Kungakanani ukudla okukhona lapha!”
13Khumbula ukuthi ukuba nomona yinto embi. Yini enye kokudaliweyo enomona ukwedlula iso na? Ngakho-ke likhala izinyembezi nangasiphi isizathu. 14Ungaseluleli isandla sakho kukho konke okubonayo, futhi ungamcinanisi umakhelwano wakho ekudleni. 15Zibuze ukuthi umakhelwano wakho ukuthatha kanjani lokho ngokuba ukubhekise kuwe, makuthi ezintweni zonke umcabangele omunye umuntu.
16Dlana okubekwe phambi kwakho njengomuntu okhuliswe kahle, ungahlafuni ngobugovu funa ukhube omunye. 17Yiba ngowokuqala ukuma, njengoba kufanele kumuntu ofundiswe kahle, ungabi ngonganeliswa funa umkhube omunye. 18Uma udla neningi, ungaziphakeli wena kuqala bengakaphaki abanye. 19Nokuncane kangakanani kuyamenelisa umuntu oqeqeshekile! Akahoni nalapho elele. 20Ukulala kahle kwencike ekudleni ngokuzithiba; uvuka ekuseni azizwe ephile engumqemane. Ukukhathazeka kokungalali nokucanuzela kwenhliziyo nesilungulela, konke lokho kungokwezidla ukudla.
21Uma udle ngokwedlulele, vuka uhlanze, uzothola ukukhululeka. 22Ngilalele, mntanami, ungawabukeli phansi amazwi ami, ekugcineni amazwi ami ayoba yigugu kuwe. Kukho konke okwenzayo zithibe, awuyikuphathwa zifo. 23Abantu bayambusisa umuntu ophanayo ngokudla, futhi abakushoyo ngokuphana kwakhe kuyiqiniso. 24Umuzi uyakhononda ngomuntu oncishanayo, nabakusho ngaye ngokuncishana kwakhe kushaya emhlolweni.
Iwayini
25Ungazami ukukhombisa amandla akho ngokuphuza iwayini, ngokuba iwayini libhubhise abaningi. 26Njengokuba isithando somlilo sihlola umsebenzi womcangcathi wensimbi, ngakho-ke newayini liyazihlola izinhliziyo lapho kusuka impikiswano enokwedelela.
27Iwayini liyimpilo yoqobo kubantu uma liphuzwa ngokuzithiba kungeqiswa, Iyini impilo kulowo ongenalo iwayini? Lidalelwe ukwenza abantu ukuba bajabule. 28Iwayini eliphuzwa ngesikhathi esifanele futhi ngokungeqisi lithokozisa inhliziyo lijabulise nomphefumulo. 29Iwayini eliphuzwa ngokweqile liholela emoyeni omunyu, ekuxabaneni kanye nasekudiyazeleni. 30Ukudakwa kuyalwandisa ulaka lwesiphukuphuku sigcine ngokuzilimaza, kusinciphisela amandla kusandisele amanxeba. 31Ungamthethisi umakhelwano wakho lapho kuphuzwa khona iwayini, futhi ungambukeli phansi ngesikhathi sokuthokoza kwakhe, ungakhulumi-zwi kuye lokumsola, futhi ungamethwesi nasisindo ngokuba kube nezinto ozifuna kuye.