USirakhi 3
Okumele Kwenziwe Kubazali
1Bantwana, ngilaleleni ngokuba nginguyihlo; kwenzeni enginitshela khona ukuze niphephe. 2Ngokuba uSimakade unike uyise udumo emehlweni abantwana bakhe, waqinisa ilungelo likanina ebusweni bamadodana akhe. 3Ukuhlonipha uyihlo kuyazihlanza izono; 4ukwazisa unyoko kufana nokuzibekela ingcebo. 5Abahlonipha oyise bokwenamiswa ngabantwana babo, nalapho bekhuleka uyozwakala umkhuleko wabo. 6Abahlonipha oyise bayophila kade, nalabo abazisa onina, balalela uNkulunkulu; 7bayazithoba kubazali babo ngokungathi bayizisebenzi zabo. 8Hlonipha uyihlo ngezenzo nangamazwi ukuze akubusise; 9ngokuba isibusiso sikayise siqinisa imizi yabantwana, kodwa isiqalekiso sikanina sidiliza izisekelo zempilo yabo.
10Ungalufuni udumo ngokuhudulela phansi igama likayihlo, ukwenze njalo kungekulethele udumo. 11Indodana ithola udumo ngendlela adunyiswa ngayo uyise, kuyazihlaza izingane ukungamhloniphi unina. 12Mntanami, mbheke kahle uyihlo ebudaleni bakhe, ngaso sonke isikhathi esaphila ungenzi lutho oluyohlubula umphefumulo wakhe. 13Nalapho ingqondo yakhe seyehluleka, mbekezelele, ungambukeli phansi ngoba wena usenamandla. 14Ukumphatha kahle uyihlo akusoze kwakhohlakala, kuyokuma njengokuhle okwenzile nxa kuqhathaniswa nezono zakho. 15Lapho usebunzimeni kuyokhumbuleka lokhu njengento enhle egameni lakho, izono zakho ziyoncibilika njengesithwathwa phambi kwelanga. 16Nobani olaxaza uyise uyahlambalaza; nochukuluza unina uqalekisiwe yiNkosi.
Ukuzithoba
17Mntanami, ungazikhukhumezi kokwenzayo, uyothandeka kulabo uNkulunkulu abemukelayo. 18Ubukhulu bubiza intobeko enkulu, onjalo iNkosi iyakumkhombisa isisa. 19Baningi abaphakeme nabadumile kodwa kwabazithobayo uveza izimfihlo zakhe. 20Ngokuba makhulu amandla eNkosi kodwa idunyiswa ngabathobekileyo. 21Ungazigaxi ezintweni ezingaphezulu kwakho, noma ufune ukuthola izinto ezingaphezu kwakho. 22Zindla ngalokho iNkosi ekushilo; lokho engakwambulanga ungazihluphi ngakho. 23Ungazihluphi ngezinto ezingaphezu kwakho; nalokho okwambuliwe kuwe kungaphezulu kokuqonda kwakho. 24Ngokuba baningi abadukile ngenxa yemicabango eyimbude; imibono emibi ifiphaze izinqumo zabo. 25Ngaphandle kwamehlo akukho ukukhanya nangaphandle kolwazi ayikho inhlakanipho. 26Inhliziyo enenkani, inesiphetho esibi; nodlala ngengozi uyofela kuyo. 27Inhliziyo eyisijaka izibangela ukuhlupheka; isoni seleka isono phezu kwesinye. 28Nxa oziphakamisayo ehlelwa yinhlekelele akukho khambi lokumsiza; izimpande zobubi sezigxilile kuye. 29Umqondo wohlakaniphile uthakasela izaga, ukuba nodlebe kulangazelelwa ngabahlakaniphileyo.
Ukwabela Abampofu
30Njengamanzi acima ikloba lomlilo, kanjalo neminikelo ihlanza isono. 31Abenanela isandla esiphayo bazihlinzekela ingomuso; lapha bewa bayosekelwa.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.