USirakhi 28
1Labo abagcwele impindiselo bayobhekana nokuphindisela kweNkosi, ngokuba iyakugcina konke ukona kwabo. 2Mthethelele umakhelwane wakho uma ekonile, kanjalo nawe uyakuthethelelwa izono zakho lapho ukhuleka. 3Ukhona yini ofihlele omunye intukuthelo, abe elindele ukuphiliswa okuvela eNkosini na? 4Uma omunye engenasihawu komunye ofana naye, angakufuna kanjani ukuthethelelwa ezakhe izono na? 5Uma isidalwa esingumuntu sifihla intukuthelo, ngubani oyokusenzela umnikelo wokusula izono zaso na? 6Khumbula isiphetho sempilo yakho, bese ususa kuwe ubutha; khumbula ukonakala nokufa, bese wethembeka emiyalweni. 7Khumbula imiyalo, ungamthukutheleli umakhelwano wakho; khumbula isivumelwano noPhezukonke, bese uthalalisa emaphutheni.
Impikiswano
8Yibalekele inxushunxushu, ziyoncipha iziphambeko zakho; ngokuba abamakhanda abilayo badala ukuxabana. 9Oyisoni uphazamisa ubungani, atshale ukuxabana kulabo abebezihlalele ngokuthula. 10Umlilo uyovutha ngobungako bamafutha, kanjalo nokuxabana kuyakwanda ngobungako bamaphikankani; Ulaka luyakuvutha kuye ngamandla omuntu; kanjalo nentukuthelo ngokuceba komuntu. 11Ingxabano eza ngokushesha ibabela umlilo omkhulu, kanjalo nempikiswano esheshayo iholela ekuchithekeni kwegazi. 12Uma uvuthela inhlansana, iyakukhanya; uma uyiphimisela, iyakucima; kodwa nokho kokubili kuphuma emlonyeni wakho.
Ulimi Olubi
13Iqalekisiwe inhlebo nabazilimi ezimbaxambili, ngokuba baphazamisa ukuthula kwabaningi. 14Ukuhletshwa kubanyakazisile abaningi, kwabahlakazela ezizweni ngezizwe; kuchithile imizi enamandla, kwagumbuqela izindlu zabakhulu. 15Inhlebo ixoshe abesifazane abalungileyo emakhaya abo, yabenza balahlekelwa izithelo zokusebenza kwabo. 16Labo abalalela inhlebo kabanakukuthola ukuphumula, futhi kabanakunethezeka ngokuthula. 17Ukushaya kwesitshwebhu kuveza umvimbo, kodwa ukushaya kolimi kucoboshisa amathambo.
18Baningi abawe ngokuwa kwenkemba, kodwa bedlulele abawe ngenxa yolimi. 19Ubusisekile ovikelekile kulo, ongazange azifumane esolakeni lwalo, nongazange athwale ijoka lwalo, futhi ongazange aboshwa ngamagoda alo. 20Ngokuba ijoka lwalo lingelensimbi, namagoda alo ngawethusi. 21Ukufa okuza ngalo kubi kakhulu, isihogo singcono kunakho. 22Alunamandla kwabalungileyo; kabanakusha emalangabini alo. 23Labo abembukayo kuSimakade, bayowela emandleni alo; luyakuvutha phakathi kwabo futhi alunakucinywa. Luyakuthunyelwa kubo njengengonyama; kuthi njengengwe lubanikinikize babe zicucu. 24Njengoba umuntu ebiyela umuzi wakhe ngameva, nanjengoba uvalela isiliva negolide lakho, 25ngakho-ke yenza umnyango nomshudo womlomo wakho, futhi wenze izilinganiso zokulinganisa amazwi akho. 26Qaphela ukuba ungoni ngolimi lwakho, aze ahlabane ngawe okulalele unyendle ukuze akuchithe.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.