USirakhi 25
Abantu Bokunconywa
1Ngithokoziswa yizinto ezintathu nje, futhi zinhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu: ukuvumelana phakathi kwabafowethu nodadewethu, ubungani phakathi komakhelwane, kanye nomfazi nendoda abaphila ngokuthula. 2Ngiyaluzonda loluhlobo oluthathu lwabantu, futhi ngiyayenyanya indlela abaphila ngayo: impofana eziphakamisayo, ocebile kodwa abe enguhubhu kabhejane, kanye nesiwula esidala esisalibele ukufeba. 3Uma ungazuzanga lutho ebusheni bakho, ungazuza kanjani ebudaleni bakho na?
4Kunesibunge esingakanani ukwahlulela okuhle kwempunga, nomdala abe nezeluleko ezinhle! 5Iheha kangakanani inhlakanipho kwabadala, nokuqonda nezeluleko kwabahloniphekile na? 6Ukuba nolwazi olunzulu kuyisicoco sabadala, nokuziqhayisa kwabo kungukumesaba uNkulunkulu. 7Ngingacabanga ngabayisishiyagalolunye engingababiza ngokuthi babusisiwe, oweshumi, umlomo wami ungafakaza ngaye: indoda ethokozayo ngabantabayo; nomuntu ophilela ukubona ukuchithwa kwezitha zakhe.
8Ibusisiwe indoda ehlala nomfazi onengqondo, nalowo ongabopheli inkabi nembongolo ukuba alime ngakho. Ubusisiwe lowo ongoni ngolimi lwakhe, nongazange akhonze okungaphansi kwakhe. 9Ubusisiwe lowo ofumana umngani, nalowo okhuluma kwabalaleleyo. 10Mkhulu kangakanani lowo ofumana ukuhlakanipha! Kodwa akekho ongaphezu kwalowo owesaba uSimakade. 11Ukwesaba uSimakade kwedlula konke; singamqhathanisa nani onakho na?
Mayelana Nabesifazane
13Noma yisiphi isilonda, okungesona esenhliziyo! Noma yibuphi ububi okungebona obowesifazane! 14Noma yikuphi ukuhlupheka okungekhona okuvela kwabakuzondayo! Noma yiyiphi impindiselo, okungeyona eyezitha zakho! 15Abukho ubuthi obedlula obenyoka, futhi ayikho intukuthelo edlula ulaka lowesifazane. 16Ngikhetha ukuhlala nebhubesi noma udrago kunokuhlala nowesifazane ogcwele ububi. 17Ububi obusenhliziyweni yowesifazane buyayiguqula indlela abukeka ngayo, benza ubuso bakhe bube mnyama okobebhele. 18Indoda yakhe ihlala phakathi komakhelwane igcwele ubuhlungu obujulile. 19Noma yibuphi ububi obukhona, buncane nxa buqhathaniswa nobubi bowesifazane; sengathi isabelo sezoni singawela phezu kwakhe! 20Ufana nomqansa ogcwele isihlabathi ezinyaweni zomdala – unjalo umfazi okhulumela futhi endodeni ethulayo.
21Ungahungwa ngubuhle bowesifazane, futhi ungamfisi owesifazane ngenxa yempahla yakhe. 22Kuba nesihluku namahloni amakhulu, lapho owesifazane ondla umyeni wakhe. 23Ingqondo elahliwe, ubuso obunyukumele, kanye nenhliziyo elimele kuvela kowesifazane ogcwele ububi. Izandla ezikhathele, namadolo abuthaka kuvela kowesifazane ongayijabulisi indoda yakhe. 24Isono saqala kowesifazane, ngenxa yakhe sonke siyafa. 25Ungawavumeli amanzi athole imbobo, kunjalo ukukhuluma okunesibindi kowesifazane omubi. 26Uma engahambi njengokusho kwakho, zehlukanise naye.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.