USirakhi 21
Isono
1Mntanami, wonile na? Ungaphinde wone, kodwa cela intethelelo ngenxa yezono zakho ozenzileyo. 2Sibalekele isono kungathi ubalekela inyoka; ngokuba uma uvuma ukuhehwa yiso, siyakukugewuza. Amazinyo aso afana nawengonyama futhi anokuyibhubhisa impilo yabantu. 3Ukungabi-namthetho kufana nenkemba esika nhlangothi zombili; akukho ukuphola kwesilonda esidalwe yikho. 4Ukutatazela nobujaka kuyochitha ingcebo, ngakho-ke indlu yozithwele iyakuchithwa. 5Umkhuleko wompofu usuka emlonyeni wakhe uze ufinyelele ezindlebeni zikaNkulunkulu, bese yena eletha ukwahlulela kwakhe ngokushesha. 6Lowo owenyanya ukusolwa uhamba ezinyathelweni zesoni, kodwa lowo owesaba iNkosi uyaphenduka enhliziyweni yakhe. 7Iciko lokukhuluma laziwa kakhulu, kodwa lapho lichezuka, ohlakaniphileyo uyokwazi. 8Owakha indlu yakhe ngemali yabanye, ufana nomuntu oqongelela amatshe ethuna lakhe. 9Umhlangano wabangenamthetho ufana nesixuku esidonswa ngekhala, nokuphela kwaso kusemlilweni ovuthayo. 10Indlela yezoni ilungiswe ngamatshe amahle, kodwa ekugcineni kwayo iyisihogo uqobo lwaso.
Ukuhlakanipha Nobuwula
11Lowo ogcina umthetho uyayithiba imicabango yakhe, futhi ukupheleliswa kokuhlakanipha kungukumesaba uSimakade. 12Isiwula asifundiseki, kanti ubuqili bumandisela ubuhlungu umuntu. 13Ulwazi lohlakaniphileyo luyokwandisa okwesikhukhula, neseluleko sakhe njengomthombo onikeza ukuphila. 14Umqondo wesiwula ufana nesitsha esiphihlikileyo, awukwazi ukubamba lonke ulwazi. 15Lapho okhaliphileyo ezwa isisho esihlakaniphileyo, uyasincoma futhi anezele kuso, kodwa isiwula uma sisizwa, sihleka usulu, futhi sisilahlise okwenyongo yenyathi.
16Ukukhuluma kwesiwula kufana nomthwalo onzima endleleni, kodwa kunobumnene ekukhulumeni kwabakhaliphileyo. 17Ukukhuluma komuntu ohlakaniphile kulangazelelwa yibo bonke emhlanganweni, amazwi akhe bayawetshisa ezingqondweni zabo. 18Inhlakanipho esiwuleni ifana nendlu ebhidliziwe, ulwazi loziphakamisayo lufana nokukhuluma okuyize. 19Imfundo ifana namaketanga ezinyaweni zesiphukuphuku, nanjengozankosi esandleni saso sokunene. 20Isiwula sihleka size siqethuke, kodwa ohlakaniphileyo uyamamatheka-nje. 21Imfundo ifana negolide konengqondo, nanjengebhengela esandleni sokunene.
22Unyawo lwesiphukuphuku luyashesha ukungena endlini, kodwa umuntu ohlakaniphileyo uyalinda ngokuhlonipha ngaphandle. 23Isixhwanguxhwangu silunguza endlini ngomnyango kodwa umuntu ofundiswe kahle ulinda ngaphandle. 24Kungukungafundiseki ukuba umuntu anyonkele izindaba encike esicabheni, kodwa ohloniphayo uyoba neminjunju ngenxa yalesi senzo esiyihlazo. 25Iziphahluki ziyokhuluma lokho okungendaba zazo, kodwa izihlakaniphi ziyowela amazwi azo. 26Ingqondo yeziphukuphuku isemlonyeni wazo, kodwa umlomo wabahlakaniphile usemqondweni wabo. 27Lapho ongenankulunkulu eqalekisa isitha sakhe, usuke eziqalekisa yena. 28Umuntu ohlebayo uyazehlisa futhi uzondwa yibo bonke omakhelwane bakhe.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.