USirakhi 14
Ukuphatha Umnotho Ngendlela Eyiyo
1Ubusisiwe umuntu ongaphahluki akhulume kabi ngomlomo wakhe, futhi ongenabuhlungu bokuzisola ngezono. 2Ubusisiwe lowo onembeza wakhe ungabonaze umdumaze, nongalilahlile ithemba. 3Ingcebo kayimfanele umuntu onomqondo omfushane, futhi inalusizo luni ingcebo kumuntu ophilisa okwesichaka na? 4Lokho azincisha khona uyakuqongelela bese abanye bezitika ngengcebo yakhe. 5Uma umuntu eliqonqela angakwazi kanjani ukupha abanye na? Akasoze ayithokozela ingcebo yakhe. 6Akekho umuntu owedlula lowo ozibophe yena uqobo, ubuqonqela bakhe buyisijeziso kuye uqobo. 7Uma kukhona okuhle akwenzile, kwenzeka ngephutha kodwa ekugcineni kuvela ububi nobuze bakhe.
8Umuntu omubi oliqonqela ulukhuni, uzishaya ongaboni futhi kazinaki izidingo zempilo. 9Umuntu oneso lomona keneliswa ngokwakhe kanti, ubugovu obungenabulungisa buyawubhashisa umphefumulo. 10Umuntu oliqonqela kakwazi ngisho ukukunika isinkwa lesi, futhi uqoma ukuba itafula lakhe lihlale lingenakudla. 11Mntanami, uma unamandla ziphilise kahle, unikele iminikelo efanele kuNkulunkulu. 12Khumbula ukuthi ukufa kukulindele, nesinqumo sasehayidesi asikembulwa kuwe. 13Yenza okuhle kubangani bakho ungakafi, yelula isandla ubaphe ngokulingene namandla akho. 14Ungazincishi ukuthokoza nje kosuku; ungavumi ukuba isabelo sakho sobuhle obulangazelayo sikwedlule. 15Awunakusishiya yini isithelo somsebenzi wakho komunye, nalokho okuzuze ngesithukuthuku kwehlukaniswe ngonkatho na? 16Yipha, wamukele, futhi uthokozise umphefumulo wakho, ngokuba eHayidesi akukho ukufuna ukunethezeka.
17Zonke izidalwa ziyaguga okwengubo, ngokuba isinqumo sasemandulo singukuthi: “Sifanele ukufa.” 18Njengamaqabunga amaningi esihlahleni esikhulayo, esiwisa amanye sihlumise amanye, zinjalo nezizukulwane zesintu, ezingezenyama negazi: omunye uyafa omunye azalwe. 19Wonke umsebenzi uyabola uphele ungabe usabakho, nalowo owenzile uyakudlula kanye nawo.
Injabulo Ngokuba Nokuhlakanipha
20Ubusisiwe umuntu ozindla ngenhlakanipho azindle ngokuqonda, 21ozindlayo enhliziyweni yakhe ngezindlela zakho, acabangisise ngokufihlakeleyo kwakho, 22akuxoshise okomzingeli, futhi akucuthele ezindleleni zakho. 23Lowo olunguza emafasiteleni akho, alalele ngasezicabheni zakho, 24ogoba amadlangala eduze kwendlu yakho, obethela izikhonkwane zethende lakhe obondeni lwakho; 25ogxumeka ithende lakhe eduze nakho, esetholile indawo enhle yokuhlala, 26onjalo wobeka izingane zakhe endaweni ephephile futhi ziyophumula emthunzini wamagatsha akho; 27zivikelwe yikho ekushiseni, futhi ziyakuphumula enkazimulweni yakho.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.