1Ukuhlakanipha kompofu kumenza ashayele phezulu, kumnikeze indawo phakathi kwezikhulu.
Ukubukeka Komuntu
2Ungamtusi umuntu ngenxa yokubukeka kwakhe noma umenyanye omunye ngenxa yokubukeka kwakhe. 3Inyosi incane ezinambuzaneni ezindizayo kodwa yeka ubumnandi boju elukhiqizayo. 4Ungahambi uziphakamisa ngenxa yezimpahla zakho ezinhle noma uthokoze kakhulu lapho udunyiswa. Ngokuba imisebenzi kaNkulunkulu iyamangalisa, imisebenzi yakhe ifihlakele ingebonwe ngamehlo enyama. 5Maningi amakhosi ehliswa ezihlalweni zawo, kwathi imiqhele yawo yedlulela kubantukazana. 6Iningi lababusi lithelwe ngehlazo kwathi abahlonishwayo banikelwa ekuphathweni ngabanye.
Qaphela
7Ungambeki icala umuntu ngaphambi kokuthola ubufakazi; mphenye kuqala bese uncoma noma ugxeke kamuva. 8Ungaphenduli ungakaziniki isikhathi sokulalela kuqala, futhi ungamphazamisi omunye esakhuluma. 9Ungazigaxi odabeni olungaqondene nawe, ungahlali nezigilamkhuba nxa ziqula icala. 10Mntanami, ungazenzi izinto eziningi ngasikhathi sinye, uma wenza izinto eziningi kakhulu ngeke uhlale ungasoleki, futhi ngeke uphumelele, ngeke neze wakwazi ukushiya emsebenzini.
11Kukhona abasebenza kanzima nangokuzikhandla okukhulu nokho bahlala bentula. 12Kukhona nabanye abazinokwe, abahlale bedinga ukusizwa ngoba bengenamandla, bakhungethwe ububha kodwa nokho amehlo kaSimakade ahlala ebabheke ngomusa, uyabenyula ebuphansini babo. 13Uyabavusa othulini, iningi likhexe imilomo. 14Inhlanhla neshwa, impilo nokufa, ubuphofu nengcebo, konke kuvela kuSimakade. 15Inhlakanipho, ukuqonda, nokwazi umthetho kuvela kuSimakade; ukuba nothando kanye nemisebenzi emihle nakho kuvela kuye; 16ukuphambuka nobumnyama kwadalwa kanye nezoni; ububi bukhula nomuntu onegqabho.
17Izipho zikaSimakade kwabakholekayo zimi ngunaphakade, kuthi umusa wakhe ubalethele inqubekela-phambili engapheliyo. 18Kukhona ocebile ngenxa yokukhuthala nokuzincisha, umvuzo awumiselwe lowo. 19Lapha ethi: “Ngikutholile ukuphumula, sengizozitika ngempahla yami,” akazi ukuthi kuyoba isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba afe ayishiye kwabanye. 20Mana uqine esivumelwaneni sakho usifeze ukhule uze ube mdala emsebenzini wakho. 21Ungawuhawukeli umsebenzi wezoni; kodwa thembela kuSimakade uhlale emsebenzini wakho, ngoba kulula ebusweni bukaSimakade ukuguqula ngokuphazima kweso abampofu abenze izicebi. 22Isibusiso sikaSimakade singumvuzo wabalungileyo, uNkulunkulu uyenza siqhakaze ngokushesha isibusiso sakhe. 23Ungasho ukuthi: “Ngidingani? Nzuzoni eyoba ngeyami kusasa?”
24Ungasho futhi ukuthi: “Mina angidingi lutho nginakho konke; ngeke ngehlelwe lutho olubi.”
25Ubunzima buyakhohlakala ngezikhathi zokutamasa, kanti nokutamasa kuyakhohlakala ngezikhathi zibunzima. 26Nangosuku umuntu afa ngalo kulula eNkosini ukuba imvuze ngokumfaneleyo. 27Inhlupheko yehora nje elilodwa imenza umuntu akhohlwe yizinsuku zokutamasa. Ekupheleni kwezinsuku zomuntu, yembuleka ngokusobala imisebenzi yakhe. 28Ungacabangi ukuthi wonke umuntu uthokozile ngaphambi kokuba afe, ngokuba umuntu waziwa ngezingane zakhe.
Qaphela Lapho Uqoka Abangani
29Ungamemeli emzini wakho bonke ohlangana nabo; ngokuba buningi ubuqili obukhona. 30Umqondo womuntu ozikhukhumezayo ufana nodobo oluyengayo nanjengenhloli eqaphe amaphutha akho. 31Ulindele ithuba lokuguqula okuhle akwenze okubi noma asole izenzo ezinhle. 32Inhlansi nje eyodwa ivuthisa amalahle amaningi, kanti icebo lomubi ligcina ngokuphalala kwegazi. 33Aqaphele amaqili ngoba anamacebo angalungile, angahle acekele phansi udumo lwakho phakade. 34Yamukela abantu ongabazi emzini wakho uzoyidela inkani, bayokuvusela uthuthuva, futhi bakwahlukanise nozalo lwakho.