1Umehluleli ohlakiniphile ufundisa abantu bakhe, nokuphatha kwesihlakaniphi kuhlelekile. 2Njengoba enjalo umahluleli, banjalo nabasemagunyeni; njengoba enjalo umbusi womuzi banjalo nabantu bawo; 3inkosi eluvanzi ilimaza isizwe sayo, kodwa umuzi uyokhula ngokuhlakanipha kwabaphathi bawo. 4Umbuso wezwe usezandleni zikaSimakade; uyovusa ngesikhathi esifanele umholi ofanele leso sikhathi. 5Impumelelo yomuntu isezandleni zikaNkulunkulu, nguye onikeza udumo lwakhe kubashayimthetho.
Ukuzazisa
6Ungamthukutheleli umakhelwane wakho ngamaphutha awenzileyo, futhi ungaphendukeli ezenzweni zobudlova. 7Ukuziphakamisa kuyazondeka emehlweni kaNkulunkulu nakubantu, ukungabi nabulungisa kwenyanywa yibo bonke. 8Ngenxa yobubi nemisebenzi yobudlova nomona, ukubusa kusuka kulo mbuso kuye komunye. 9Kuyini okungenza ukuba isidalwa esingumuntu sizishaye isifuba na? Siluthuli nomlotha nje, silindelwe ngukufa nokubola. Asikho isikhohlakali esedlula lowo othanda imali, ngokuba onjalo udayisa ngomphefumulo wakhe uqobo.
10Ukugula isikhathi eside kwedelela udokotela nenkosi namuhla, okuzothi ngomuso babe sebefile, 11ngokuba lapho umuntu esefile, udla ifa lakhe, okuyizimpethu nezibungu. 12Ukuqala kokuzigqaja komuntu kungukuhlubuka kuNkulunkulu, futhi inhliziyo yomuntu iyasuka konguMdali wayo; 13ngokuba ukuqala kokuziqhenya kuyisono, obambelela kukho kumchela ngencithakalo enkulu. Ngalokho iNkosi yehlisela phezu kwabakhukhumeleyo isijeziso sayo, ilethe imbubhiso ephelele kubo. 14INkosi iyaziketula izihlalo zamakhosi, imise abamnene ezikhundleni zabo. 15INkosi iyazizimbula izizwe, itshale abathobekileyo ezindaweni zazo. 16USimakade uchitha izindawo zabezizwe, azihlakaze kuze kube sezisekelweni zomhlaba. 17Ezinye uyazichitha zishabalale, kuthi nenkumbulo yazo iphele nya emhlabeni. 18Ukuziqhenya akudalelwanga abantu, nolaka aludalelwanga abazelwe ngowesifazane.
Abantu Okufanele Bahlonishwe
19Yinzalo kabani elufanele udumo na? Yinzalo yabantu. Yinzalo kabani elufanele udumo na? Yilabo abesaba uSimakade. Yinzalo kabani engalufanele udumo na? Yinzalo yabantu. Yinzalo kabani engalufanele udumo na? Eyalabo abephula umthetho. 20Inhloko yomndeni ihlonishwa amalunga awo, kodwa iNkosi uSimakade iyabahlonipha labo abayesabayo. 21Ukwesaba uSimakade kungukuqala kokwamukeleka; inkani, nokuzidla kungukuqala kokulahlwa.
22Ukuthokoza kwabacebile, nabadumileyo, kanye nabampofu kusekumesabeni uNkulunkulu. 23Akukuhle ukubukela phansi ompofu omqondo ukhaliphile, futhi kubi ukuhlonipha indoda eyisoni. 24Isikhulu, nomahluleli kanye nonamandla bathola udumo nokuhlonishwa, kodwa akekho phakathi kwabo omkhulu njengalowo owesaba uNkulunkulu. 25Isisebenzi esihlakaniphileyo sikhonzwa ngamadoda akhululekileyo, umuntu onengqondo ngeke akhononde ngalokho.
Ukuzithoba Nokuzihlonipha
26Ungazigabisi ngokuhlakanipha kwakho lapha wenza umsebenzi, ungazithwali ngesikhathi sokweswela. 27Kungcono ukusebenza ube nenala yezinto, kunokuba uzazise ube ulambile. 28Mntanami, ukuzithoba kwakha isithunzi empilweni yakho futhi kulethe udumo olukufanele. 29Lowo owona emphefumulweni wakhe, angazisindisa na? Ngubani ongahlonipha lowo ohudulela impilo yakhe phansi na? 30Abampofu bayadunyiswa ngenxa yolwazi lwabo, kanti abacebile badunyiswa ngenxa yengcebo yabo. 31Uma omunye engahlonishwa ecebile, kangakanani-ke kompofu na?