USirakhi 1
Ukudunyiswa Kokuhlakanipha
1Yonke inhlakanipho ivela eNkosini, futhi ihlala kuyuze kube phakade. 2Ubani ongabala isihlabathi solwandle, namathonsi emvula, noma izinsuku zaphakade na? 3Ubani ongahlolisisa ukuphakama kwezulu, ububanzi bomhlaba noma ukujula kwesihogo nokuhlakanipha na? 4Ukuhlakanipha kungokokuqala ezintweni ezidaliweyo, ukuqonda kwakukhona kwasemaphakadeni. 5Umthombo wokuhlakanipha uyizwi likaNkulunkulu elihlala ekuphakameni kwezulu, izindlela zakho imiyalo yaphakade. 6Kukubani lapho yabonakaliswa kuqala impande yokuhlakanipha na? Ubani owazi izindlela zakho ezifihlakeleyo na? 7Ulwazi lokuhlakanipha lwambulelwe bani na? Futhi ubani oke waqonda ulwazi lwakho oluningi na? 8Munye kuphela ohlakaniphileyo, yiNkosi eyesabekayo, ehlezi esihlalweni sayo. 9Yiyo eyakudala, yakubona, yakubala futhi yakuthululela phezu kwayo yonke imisebenzi yayo.
10Ibaphile bonke okuthile kwenhlakanipho, ibaphe ngesihle nangokungagodli labo abayithandayo. 11Ukumesaba uSimakade kuletha ukuhlonipheka nokuziqhenya, intokozo nomqhele wenjabulo. 12Ukwesaba uSimakade kuthokozisa inhliziyo; kuletha injabulo nentokozo nempilo ende. 13Lowo owesaba uSimakade uyakuba nesiphetho esihle, izibusiso zibe ngezakhe ngosuku lokufa kwakhe.
14Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, kwamumathwa esizalweni nabathembekileyo, 15Kwakhile isisekelo esingunaphakade phakathi kwabantu. Kuyakwethembeka nasenzalweni yabo. 16Ukuhlakanipha okuphelele kungukumesaba uNkulunkulu; kuyabesuthisa abantu ngezithelo zakho. 17Kugcwalisa ikhaya lakho ngakho konke okuthandwa inhliziyo yakho, nezinqolobane zakho ngezithelo zakho. 18Umqhele wokuhlakanipha ungukumesaba uNkulunkulu, uqhakaza ngokuthula nempilo enhle. 19Ukuhlakanipha kunisa ubungcweti nolwazi lokuqonda njengemvula, kunikeza udumo olukhulu kulabo ababambelela baqine kukho. 20Ukuhlakanipha kumile kwagxila ekumesabeni uNkulunkulu, impilo ende imila ikhule emagatsheni akho. 21Ukwesaba uSimakade kuxosha izono, lapho kuhlala khona kuphebeza yonke intukuthelo.
Ukuzithiba
22Ulaka olungafanele alunakwemukeleka neze; nxa ulaka lumgabha umuntu, lokho kungukuwa kwakhe. 23Uma kungakabi sikhathi umuntu onokubekezela uyazibamba, bese kuthi emva kwalokho kuqhakaze ukwenama kuye. 24Uma kungakabi sikhathi esifanele ugcina imicabango yakhe kuye; lapho ekhuluma imilomo yabaningi iyakuzwakalisa ukwazi kwakhe.
Ukuhlakanipha Nokuhlonipha UNkulunkulu
25Enqolobaneni yokuhlakanipha kugcwele izisho ezihlakaniphile, kodwa ukumesaba uNkulunkulu kuyenyanyeka koyisoni. 26Uma womele ukuhlakanipha, gcina imiyalo, yikhona iNkosi iyakukupha khona ngokwevile. 27Ukumesaba uNkulunkulu kungukuhlakanipha nokufundiswa, ukwethembeka nentobeko kuyintokozo yakhe. 28Ungakushayi indiva ukwesaba uNkulunkulu, noma usondele kuye unhliziyombili. 29Ungazenzi ongeyikho emehlweni abantu bomhlaba, faka isimfonyo emlonyeni wakho. 30Ungaziphakamisi ngoba uzakuwa ulethe indumalo emphefumulweni wakho; iNkosi iyakuziveza obala zonke izimfihlo nemikhuba yakho, ikuthobise phambi kwebandla, ngoba obekukuqhuba bekungesikhona ukwesaba iNkosi: inhliziyo yakho ibigcwele inkohliso.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.