Lokhu UJohane Azakukulobela Ingelosi Yebandla LaseSardesi, NaseFiladelfiya, NaseLawodikeya
1“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba, ukuthi:
“ ‘Nakhu akushoyo onoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: ngiyayazi imisebenzi yakho nokuthi unegama lokuthi uyaphila kanti ufile. 2Linda, uqinise okuseleyo obesekuzakufa, ngokuba angiyifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami. 3Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe.
4“ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. 5Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe. 6Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.’
7“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi:
“ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi: 8ngiyayazi imisebenzi yakho. Ngimise phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, kanti waligcina izwi lami, futhi awuliphikanga igama lami. 9Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile. 10Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.
11“ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho. 12Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. 13Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’
14“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi:
“ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi: 15ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Ngifisa sengathi ngabe uyabanda noma ushise. 16Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi, ungabandi, ngizakukukhafula uphume emlonyeni wami. 17Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze. 18Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.
19“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke. 20Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
21“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
22“ ‘Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”