Ukuthululwa Kwezitsha Eziyisikhombisa Zolaka LukaNkulunkulu
Ingelosi Yokuqala
1Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”
2Yahamba eyokuqala, yathululela isitsha sayo emhlabeni, kwavela isilonda esibi nobubi kubantu abanophawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso.
Ingelosi Yesibili
3Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle, lwase luphenduka igazi elinjengelofileyo, kwafa konke okuphilayo olwandle.
Ingelosi Yesithathu
4Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuphenduka igazi. 5Ngezwa ingelosi yamanzi, ithi: “Ulungile Wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba nguwe owakunquma lokho, 6ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”
7Ngase ngizwa i-althare, lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziqinisile, futhi zilungile izehlulelo zakho.”
Ingelosi Yesine
8Ingelosi yesine yathululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. 9Abantu bashiswa ngukushisa okukhulu, kodwa balihlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupheko, futhi abaphendukanga ukuba bamnike udumo.
Ingelosi Yesihlanu
10Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo: umbuso waso waba mnyama, babeziluma izilimu zabo ngenxa yobuhlungu. 11Kepha bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu nezilonda zabo, kodwa abaphendukanga emisebenzini yabo.
Ingelosi Yesithupha
12Eyesithupha yasithululela isitsha sayo emfuleni omkhulu iYufrathe, kwase kusha amanzi kuwo, ukuze kulungiswe indlela yamakhosi avela empumalanga. 13Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa; 14babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.
15Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.
16Wayesebahlanganisela endaweni ebizwa ngesiHebheru ukuthi iHarmagedoni.
Ingelosi Yesikhombisa
17Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni, kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi lithi: “Sekwenzekile!”
18Kwase kuba khona imibani, amazwi, ukuduma, nokuzamazama komhlaba okukhulu okwakungakaze kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni. 19Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo. 20Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyanwanga. 21Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.