ISambulo 12
Owesifazane Nodrago
1Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12. 2Wayekhulelwe, wakhala ngenxa yemihelo, esikwa, enobuhlungu bokubeletha. 3Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa. 4Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe. 5Wabeletha umntwana wesilisa ozokwelusa izizwe zonke ngentonga yensimbi. Umntwana wahlwithwa kuye wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. 6Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayeyilungiselelwe nguNkulunkulu, ukuba anakekelwe izinsuku eziyi-1 260.
UMikhayeli Ulwa Nodrago
7Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikhayeli nezingelosi zakhe balwa nodrago. Udrago walwa ekanye nezingelosi zakhe, 8kodwa abazange babe namandla okunqoba, nendawo yabo yaphela ezulwini. 9Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.
10Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Manje isifikile insindiso, namandla, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu, negunya likaKhristu wakhe, ngokuba usephonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu, obamangalela phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku. 11Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni. 12Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!”
13Kuthe udrago esebona ukuthi uphonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa. 14Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka. 15Inyoka yamkhwifa imlandela owesifazane, kwaphuma emlonyeni wayo amanzi kungathi ngumfula ukuze immukise nalowo mfula. 16Umhlaba wamsiza owesifazane, wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula owawukhwifwa wudrago ngomlomo wakhe. 17Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu. 18Wayesema esihlabathini solwandle.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.