AMahubo 27
USimakade Ungukukhanya Kwami Nensindiso Yami
ElikaDavide
1USimakade ungukukhanya kwami
nensindiso yami.
Ngubani engingamesaba na?
USimakade uyinqaba
yokuphila kwami.
Ngubani engingaba
novalo ngaye na?
2Lapho abenzi bokubi
besondela kimi
ukuba bangisoconge,
abamelene nami
nezitha zami
bayokhubeka,
baqumbeke phansi.
3Noma impi ingakanisa
imelane nami,
inhliziyo yami ayiyukwesaba,
ngisho impi ingangivukela,
nokho ngiyoba neqholo.
4Kukodwa zwi
engikucela kuSimakade,
yilokhu nje engizimisele
ukukwenza:
ukuba ngihlale
endlini kaSimakade
zonke izinsuku
zokuphila kwami,
ngibuke ubuhle bukaSimakade,
ngizindle ngisendlini yakhe.
5Ngokuba uzongifihla
edokodweni lakhe
ngosuku lwenhlupheko,
angicashise endaweni efihlakele
ethendeni lakhe,
angiphakamisele edwaleni.
6Namanje ikhanda lami
lizakuphakama phezu
kwezitha zami
ezingizungezile.
Ngizonikela ngemihlatshelo,
ngihlokome ngentokozo
ngisethendeni lakhe.
Ngihlabelele, ngidumise
uSimakade ngokhehlegume.
7Ngizwe Simakade,
lapho ngikunxusa,
ube nomusa kimi,
ungiphendule.
8Inhliziyo yami ithi uthe:
“Funani ubuso bami,”
inhliziyo yami ithi:
“Ubuso bakho, Simakade,
ngiyabufuna.”
9Ungabufihli ubuso bakho kimi.
Ungayixoshi inceku yakho
ngentukuthelo;
Wena uwusizo lwami,
uze ungangilahli,
ungangishiyi,
Nkulunkulu wensindiso yami.
10Nakuba ubaba nomame
bengishiyile;
uSimakade uzongemukela.
11Simakade, ngifundise
indlela yakho,
ungihole endleleni ehlelembekile
ngenxa yezitha zami.
12Uze unganginikeli
kokufiswa yizitha zami ngami,
ngokuba ofakazi bamanga
bangivukele,
babhodla umlilo.
13Ngiyethemba ukuthi
ngizobubona
ubuhle bukaSimakade,
ezweni labaphilayo!
14Lindela uSimakade,
uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi.
Yebo, lindela uSimakade.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.