Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sokuqala (3)
1Ungabi namhawu ngabantu ababi,
ungafisi ukuba nabo.
2Ngokuba inhliziyo yabo iceba ubudlova,
nezindebe zabo zibhunga inkathazo.
3Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha,
iqiniswe ngokuqonda.
4Amakamelo agcwaliswa ngolwazi,
nangayo yonke ingcebo enqabileyo neyigugu.
5Umuntu ohlakaniphileyo wedlula onamandla,
nonolwazi wedlula onezikhwepha.
6Ngokucabanga okwephusile ungaphaka impi,
nokunqoba kusebuningini babeluleki.
7Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni,
sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.
8Ocabanga ukwenza okubi
uyakubizwa ngokuthi
owenza amacebo amabi.
9Ukuceba ubuwula kuyisono,
nobhinqayo uyisinengiso kubantu.
10Uma uxega amadolo ngosuku lokuhlupheka,
amandla akho mancane.
11Bahlenge abayiswa ekufeni,
ubambe abantengantenga beyobulawa.
12Uma uthi:
“Bheka, besingakwazi lokhu;”
akakuqondi yini lowo
ohlola izinhliziyo na?
Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na?
Futhi akayukuphindisela yini kumuntu
ngokwemisebenzi yakhe na?
13Ndodana yami,
yidla uju, ngokuba lumnandi;
uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.
14Yazi ukuthi kunjalo
ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, likhona ikusasa,
nethemba lakho aliyukushabalala.
15Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo,
ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,
16ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa,
uyobuye avuke,
kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.
17Ungathokozi lapho isitha sakho siwa,
nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18funa uSimakade akubone lokho,
kube kubi phambi kwakhe,
ayisuse intukuthelo yakhe kuso.
19Ungazikhathazi ngabenza okubi,
ungabi namhawu ngezikhohlakali.
20Ngokuba omubi akayukuba nalo ikusasa,
nesibani sezikhohlakali siyakucima.
21Ndodana yami,
mesabe uSimakade nenkosi,
ungazihlanganisi nabamelana nabo,
22ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma.
Ngubani owazi ukubhujiswa
okungalethwa yibo bobabili na?
Amazwi Ezihlakaniphi
Isigaba Sesibili
23Nanka amanye amazwi okuhlakanipha:
akukuhle ukubheka ubuso
bomuntu lapho wehlulelwa.
24Othi esikhohlakalini:
“Ulungile,”
abantu bayakumqalekisa,
nezizwe ziyakumhlamuka.
25Kwabamthethisayo kuyokuba mnandi,
kwehlele phezu kwabo isibusiso esihle.
26Impendulo eyiqiniso injengokuqabula ezindebeni.
27Qeda umsebenzi wakho ngaphandle,
uzilungiselele wona ensimini yakho,
emveni kwalokho yakha indlu yakho.
28Ungabi ngufakazi
omelana nomakhelwane wakho kungenasizathu;
uyakukhohlisa ngezindebe zakho na?
29Ungabosho ukuthi:
“Njengalokho enzile kimi,
kanjalo ngiyakwenza kanjalo kuye;
ngizakuphindisela kuye njengokwezenzo zakhe.”
30Ngedlula ngasensimini yomuntu oyivila,
nasesivinini somuntu ongenangqondo;
31bheka, kwakumile ukhula lwameva,
kwembozwe gimbici yimbabazane,
nomthangala okubiyeleyo udilikele phansi.
32Mina ngakubona lokho, ngacabanga;
ngabona, ngathola isifundo sokuthi:
33ngokozela kancane,
nokuthatha isihlwathi,
usonge izandla kuze kuyolalwa,
34ubuphofu behlela
phezu kwakho ube njengomhambuma,
weswele njengebutho
elihlale lithwele isihlangu.