Ukulingwa KukaJesu
1UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. 2Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba. 3Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”
4Kepha uJesu waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu angaphila ngaso, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
5USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, 6wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Uyakuyala izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla,
funa unyawo lwakho luqhuzuke etsheni.’ ”
7UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
8USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yomhlaba nenkazimulo yayo; 9wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma ungikhothamela, ukhuleke kimi.”
10UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”
11USathane wayesesuka kuye; kwafika izingelosi zamkhonza.
UJesu Uqala Ukushumayela EGalile
12Kuthe uJesu esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wahamba waya eGalile. 13Wasuka eNazaretha, wayohlala eKhaphernawume elingasolwandle, ezifundeni kwaZebuloni nakwaNafethali 14ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi:
15“Izwe lakwaZebuloni nelakwaNafethali
elisemgwaqweni oya olwandle phesheya kweJordani,
iGalile labezizwe;
16isizwe esasihlezi ebumnyameni
sibonile ukukhanya okukhulu;
nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa,
ukukhanya kubakhanyisele.”
17Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
18Kwathi ehamba ngasolwandle iGalile, wabona izelamani ezimbili, uSimoni okuthiwa nguPhethro no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi. 19Wathi kubo: “Wozani, ngilandeleni; ngiyakunenza abadobi babantu.”
20Bashiya amanetha abo ngokushesha, bamlandela.
21Esedlulele phambili, wahlangana nezelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besesikebheni noyise uZebedewu, belungisa amanetha abo; wababiza. 22Base beshiya masinyane isikebhe noyise, bamlandela. 23Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. 24Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa. 25Izixuku eziningi zamlandela kusukela eGalile, eDekapholi, eJerusalema, eJudiya nangaphesheya kweJordani.