Ukuvuka Nokuzibonakalisa KukaJesu
1Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba.
2Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo. 3Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane. 4Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo.
5Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni. 6Akekho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe. Wozani nibone indawo lapho ebelele khona. 7Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.”
8Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe. 9UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.”
Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. 10UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”
Umbiko Wabalindi
11Besahamba, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abaphristi abakhulu konke okwakwenzekile. 12Sebebuthene abaphristi abakhulu namalunga, bakha icebo, base benika amabutho imali eningi, 13bathi: “Anibothi abafundi bakhe bafikile ebusuku, bameba silele. 14Uma lolu daba luzwakala kumbusi, thina siyakumchazela, nina ningahlushwa lutho.”
15Abalindi bayithatha imali, benza njengalokhu beyaliwe. Lolo daba lwasabalala kubaJuda kuze kube namuhla.
Isiyalezo Sokugcina SikaJesu
16Abafundi abali-11 baya eGalile, kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona. 17Kwathi lapho bembona, bakhuleka kuye; kodwa abanye bangabaza. 18UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni. 19Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele. 20Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”