Umshado Wendodana Yenkosi
1UJesu wabuye wakhuluma kubo ngemizekeliso, wathi: 2“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. 3Wathumela izinceku zakhe ukuba ziyobiza labo ababemenyiwe emshadweni, kodwa abavumanga ukuza.
4“Wabuye wathumela ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo, nithi: sengilungise ukudla kwami; izinkabi zami nezinkomo zami ezikhulupheleyo sezihlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’ ”
5“Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona. 6Abaseleyo bazibamba izinceku zakhe, bazihlukumeza, bazibulala. 7Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.
8“Yayisithi ezincekwini zayo: ‘Idili lomshado selilungisiwe, kepha ababemenyiwe bebengafanele, 9ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zemigwaqo, nimeme noma yimuphi enimtholayo ukuba eze emshadweni.’
10“Lezo zinceku zaphuma, zaya emigwaqweni, zaqoqa bonke ezabafumanayo, ababi nabahle. Indlu yomshado yagcwala phama ababemenyiwe.
11 “Inkosi isingenile ukuzobona izimenywa ezazihleli etafuleni, yabona khona umuntu owayengayembethe ingubo yomshado. 12Yathi kuye: ‘Mngani, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha akaphendulanga.
13“Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’
14“Ngokuba baningi ababiziweyo, kodwa bayingcosana abakhethiweyo.”
Intela KaKhesari
15AbaFarisi basuka lapho, babonisana ukuba bamhile ngezwi. 16Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu. 17Ngakho-ke sitshele ukuthi yikuphi okulungile. Kuvunyelwe yini ukukhokha intela kuKhesari noma qha na?”
18UJesu, ebazi ububi babo, wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na? 19Ngitshengiseni uhlamvu lwemali yokuthela.”
Base bemkhombisa udenariyu.
20Wayesethi: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”
21Bathi: “NgokaKhesari.”
Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKhesari okukaKhesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
22Sebekuzwile lokho bamangala, base bemshiya, bahamba.
Ukuvuka Kwabafileyo
23Ngalolo lusuku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza, 24 bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engazele bantwana, umfowabo makamngene umkakhe, amvusele umfowabo umuzi.’ 25Kwakukhona-ke ngakithi izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala waganwa, wafa engenamntwana, umkakhe wangenwa ngumfowabo. 26Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa. 27Ekugcineni, wafa nowesifazane. 28Ngakho-ke ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kulezi zelamani eziyikhombisa; ngokuba zonke zaganwa nguye na?”
29UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu. 30Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, futhi abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 31Maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa nguNkulunkulu kini, ethi: 32‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe’ na?
“Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo.”
33Kwathi izixuku sezikuzwile lokho, zamangala ngemfundiso yakhe.
Umyalo Wokuqala
34Kepha abaFarisi, sebezwile ukuthi uJesu ubavale umlomo abaSadusi, babuthana ndawonye. 35Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi: 36“Mfundisi, yimuphi umyalo omkhulu emthethweni na?”
37 UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ 38Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. 39 Owesibili ofana nawo, uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ 40 Kuleyo miyalo yomibili kubambelele umthetho wonke nemfundiso yabaphrofethi.”
UMesiya Nemvelo Yakhe
41Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza 42wathi: “Nithini ngoKhristu na? Uyindodana kabani?”
Bathi kuye: “EkaDavide.”
43Wathi kubo: “Pho uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi? Phela uthi:
44 “ ‘INkosi yathi eNkosini yami:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngibeke izitha zakho
phansi kwezinyawo zakho.” ’
45“Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?”
46Akukho namunye owaba nezwi lokumphendula. Kusukela ngalolo lusuku, akukho muntu owaba nesibindi sokumbuza lutho.