Ukuhlalisana Kwabashadileyo
1Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma lawo mazwi, wasuka eGalile, waya emingceleni eJudiya, phesheya kweJordani. 2Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa.
3Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”
4Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, 5wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na? 6Ngalokho-ke abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa muntu.”
7Bathi kuye: “Pho uMose wayalelani ukuba akanikwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe na?”
8UJesu wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu, uMose wanivumela ukuba nehlukane nabo omkenu, kodwa-ke kwakungenjalo kusukela ekuqaleni. 9Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.”
10Abafundi bathi kuye: “Uma injalo-ke indaba yendoda nomkayo, kungcono ukungaganwa.”
11Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli lizwi, kuphela labo abakunikiweyo. 12Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu, futhi kukhona abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Okwazi ukukwemukela lokhu, makakwemukele.”
UJesu Ubusisa Abantwana
13Kwase kulethwa kuye abantwana ukuze abeke izandla phezu kwabo, abakhulekele, kodwa abafundi babakhuza. 14Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”
15Wayesebeka izandla phezu kwabo, qede wasuka lapho.
Insizwa Enothileyo
16Nakho-ke sekusondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngingenzani enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”
17Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”
18Wathi kuye: “Miphi na?”
UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; 19hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
20Insizwa yathi kuJesu: “Konke lokhu ngikugcinile, pho ngisasalelwe yini na?”
21 UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.”
22Kuthe insizwa seyilizwile lelo lizwi, yahamba ilusizi, ngokuba yayicebe kakhulu.
23Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: kulukhuni konothileyo ukungena embusweni wezulu. 24Futhi ngithi kini: kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”
25Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?”
26 Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”
Umvuzo Wokuzidela
27 UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?”
28UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli. 29Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. 30 Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabangabokugcina bayakuba ngabokuqala.”