UJesu Uchachisa Umyalelo Wesabatha
1Kwathi ngesabatha, uJesu nabafundi bakhe bedabula emasimini, abafundi bakhe bakha izikhwebu, bazihlikihla ngezandla, bazidla. 2Kepha abanye babaFarisi bathi: “Nikwenzelani okungavunyelwe ngesabatha na?”
3UJesu wabaphendula, wathi: “Anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhlazana yena nababenaye belambile, 4ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zobukhona, okungavunyelwe ukuba zidliwe yinoma ngubani ngaphandle kwabaphristi kuphela, wazidla, wanika nababenaye na?”
5Wathi kubo: “Indodana yomuntu iyiNkosi yesabatha.”
UJesu Uphilisa Ngesabatha
6Kwathi ngelinye isabatha uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Kwakukhona lapho umuntu owayeshwabene isandla sokunene. 7Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo. 8Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.”
Yasukuma, yema.
9UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?”
10Wabaqalaza bonke qede wathi kuyo: “Yelula isandla sakho.”
Yenza kanjalo, isandla sayo saphiliswa. 11Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.
Ukukhethwa Kwabaphostoli
12Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. 13Kuthe sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abali-12, wababiza ngokuthi abaphostoli: 14USimoni owamqamba wathi nguPhethro, abanye kwakungo-Andreya umfowabo, uJakobe, uJohane, uFiliphu, uBhartholomewu, 15uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifewu, uSimoni okuthiwa isishisekeli, 16uJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
17Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni, 18ababeze ukuzomlalela nokuba baphulukiswe ezifeni zabo, nalabo ababehlushwa ngomoya abangcolileyo; baphulukiswa. 19Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke.
Intshumayelo Yasentabeni
Mayelana Nokubusiswa
20UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi:
“Nibusisiwe nina enimpofu,
ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
21Nibusisiwe nina enilambileyo manje,
ngokuba niyakusuthiswa.
Nibusisiwe nina enikhalayo manje,
ngokuba niyakuhleka.
22Nibusisiwe nxa abantu benizonda,
benihlulula, benithuka,
belichitha igama lenu sengathi libi,
ngenxa yeNdodana yomuntu.
23“Thokozani ngalolo lusuku, nitshekulise okwamathole yinjabulo. Ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini. Oyise benza kanjalo kubaphrofethi.
24“Kepha maye, kinina enicebileyo,
ngokuba senikwemukele ukududuzwa kwenu!
25Maye, kinina enisuthiyo manje,
ngokuba niyakulamba!
Maye, kinina enihlekayo manje,
ngokuba niyakukhala, nikhihle isililo!
26Maye, kinina nonke
abantu abakhuluma kahle ngani,
ngokuba oyise benza kanjalo
kubaphrofethi mbumbulu.
Ukuthanda Izitha
27“Kepha kinina eningilaleleyo, ngithi kini: thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, 28nibabusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanihlukumezayo. 29Lowo okushaya esihlathini, mnike nesinye, nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. 30Yilowo nalowo ocela utho kuwe, muphe, nalowo okwephuca okungokwakho, ungakufuni futhi kuye. 31Lokhu enithanda ukuba abantu bakwenze kini nani kwenzeni kanjalo kubo.
32“Uma nithanda abanithandayo, niyakutuswa ngani na? Ngokuba nezoni ziyabathanda abazithandayo. 33Uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, pho niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyakwenza khona lokho. 34Uma nitsheleka labo enithemba ukwemukela kubo, niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyazitsheleka izoni, zibuyelwe okungangalokho ezikubolekisile. 35Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi. 36Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu.
37“Ningehluleli, khona ningayukwehlulelwa; ningalahli muntu ngecala, khona ningayukulahlwa ngecala; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. 38Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha eziqabethweni zenu isilinganiso esihle, esigxishiweyo, sashukuziswa, sagcwala phama, ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.”
39Wabatshela nomzekeliso, wathi: “Impumputhe ingayihola yini enye impumputhe na? Aziyukukhalakathela emgodini zombili na? 40Umfundi kangaphezulu komfundisi, kepha lowo oqeqeshwe ngokuphelelisiweyo, uyakuba njengomfundisi wakhe.
41“Ubhekelani uthi olusesweni lomfowenu, ube ungaluboni ugongolo olukwelakho iso na? 42Ungasho kanjani kumfowenu uthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe uthi olusesweni lakho,’ ube wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, khona uzakubonisisa uthi olusesweni lomfowenu ukuze ulukhiphe.
Umuthi Omuhle Nomubi
43“Ngokuba awukho umuthi omuhle othela isithelo esibi, futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle. 44Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni. 45Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Abakhi Ababili Bezindlu
46“Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na? 47Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizakunikhombisa ukuthi ufana nobani. 48Ufana nomuntu owathi uma akha indlu, wemba wajula, wabeka isisekelo edwaleni. Kwafika izikhukhula, umfula wayishaya leyo ndlu, kepha awukwazanga ukuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. 49Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”