Imithetho Yemikhosi
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilena imikhosi kaSimakade emisiweyo engiyimemezelayo kini ibe yimihlangano engcwele, iyimikhosi yami emisiweyo.
3“ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.
4“ ‘Nansi-ke imikhosi emisiweyo kaSimakade, imihlangano engcwele eniyoyimemezela kubo ngezikhathi ezimisiweyo: 5phakathi kwamabili, ngosuku lwe-14 ngenyanga yokuqala; yiphasika likaSimakade. 6Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga kuyoba ngumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuSimakade. Niyokudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. 7Ngosuku lokuqala niyokuba nomhlangano ongcwele, aniyukwenza msebenzi. 8Niyonikela kuSimakade ngomnikelo womlilo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lwesikhombisa kuyoba ngumhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.’ ”
9USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 10“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engizakuninika lona, senivunile isivuno salo; niyoletha kumphristi isithungo solibo lokuqala lwesivuno senu. 11Yena uyakusizungezisa isithungo phambi kukaSimakade ukuze namukeleke. Umphristi uyakusizungezisa ngosuku olulandela isabatha. 12Ngalolo lusuku enizungezisa ngalo isithungo, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enonyaka; ibe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade. 13Umnikelo wokusanhlamvu uyoba ngokubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, exutshwe namafutha, umnikelo womlilo kuSimakade, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wokuphuzwayo uyoba ngokwesine kwehini lewayini. 14Aniyukudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha kuze kufike lolo lusuku, nize nilethe umnikelo kaNkulunkulu wenu; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.
15“ ‘Ngosuku olulandela isabatha eniyoletha ngalo isithungo somnikelo wokuzungeziswa, niyozibalela amasabatha ayisikhombisa apheleleyo; 16kuze kube lusuku olulandela olwesabatha ngesonto lesikhombisa, niyobala izinsuku ezingama-50, bese ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu. 17Niyoletha okuvela ezindlini zenu kube yizinkwa ezimbili zomnikelo wokuzungeziswa, okubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, ziyoba nemvubelo, bese ziphekwa, zibe lulibo lokuqala kuSimakade. 18Niyakunikela, kanye nesinkwa, izimvu ezingamaduna eziyikhombisa ezingenasici ezinonyaka, neduna lenkomo, nezinqama ezimbili zibe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade, umnikelo wazo wokusanhlamvu neminikelo yazo yokuphuzwayo, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade. 19Niyakunikela ngempongo, ibe ngumnikelo wesono, nezinqama ezimbili ezinonyaka, zibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula. 20Umphristi uyakuwuzungezisa nesinkwa solibo lokuqala kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; nezinqama ezimbili ziyakuba ngcwele kuSimakade, zibe ngezomphristi. 21Niyakumemezela ngalolo lusuku, nibe nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.
22“ ‘Lapho senivuna isivuno sezwe lakini, aniyukuvuna konke emagunjini amasimu enu, aniyukuqeda konke, niyakushiyela abampofu nabafokazi; nginguSimakade uNkulunkulu wakho.’ ”
23USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 24“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga, niyoba nosuku lokuphumula ngokuphelele, umhlangano ongcwele, oyoba yisikhumbuzo ngokuba nishaye amacilongo. 25Aniyukwenza msebenzi, niyonikela ngomnikelo womlilo kuSimakade.’ ”
26USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 27“Usuku lweshumi lwenyanga yesikhombisa luwusuku lokubuyisana; niyoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuSimakade. 28Aniyukwenza msebenzi ngalolo lusuku, ngokuba luwusuku lokubuyisana, ukuze nenzelwe ukubuyisana phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu. 29Yilowo nalowo muntu ongayikuzithoba ngalolo lusuku uyonqunywa kubantu bakubo. 30Yilowo nalowo muntu oyokwenza umsebenzi othile ngalolo lusuku, lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabe esaba khona phakathi kwabantu bakubo. 31Aniyukwenza msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu. 32Kuyoba yisabatha lokuphumula ngokuphelele kini, nithobise imiphefumulo yenu. Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga, kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa ngakusasa, niyogcina isabatha lenu.”
33USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 34“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa kuyakuba nguMkhosi Wamadokodo kuSimakade, izinsuku eziyisikhombisa. 35Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele, aniyukwenza msebenzi. 36Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuSimakade. Ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ongcwele, niyonikela ngomnikelo womlilo kuSimakade, ngumhlangano ohloniphekileyo; aniyukwenza msebenzi.
37“ ‘Lena yimikhosi emisiweyo kaSimakade eniyoyimemezela enhlanganweni engcwele ukuba ninikele ngayo ngomnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa nomnikelo wokusanhlamvu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwayo, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo, 38ngaphandle kwamasabatha kaSimakade, nangaphandle kwezipho zenu, nangaphandle kwezithembiso zenu zonke, nangaphandle kweminikelo yenu yonke yesihle eniyonikela ngayo kuSimakade.
39“ ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe, niyogubha uMkhosi kaSimakade izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala nangosuku lwesishiyagalombili kuyoba yizinsuku zenu zokuphumula. 40Ngosuku lokuqala niyothatha izithelo zemithi emihle, amagatsha amasundu, namagatsha emithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nithokoze phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, izinsuku eziyisikhombisa. 41Niyakuwugubha uMkhosi kaSimakade izinsuku eziyikhombisa ngonyaka, lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niyakuwugubha ngenyanga yesikhombisa. 42Niyakuhlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, bonke abangabozalo kwa-Israyeli bayohlala emadokodweni, 43ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi abantu bakwa-Israyeli ngabahlalisa emadokodweni emveni kokuba ngibakhiphe eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
44UMose wabatshela abantu bakwa-Israyeli ngemikhosi emisiweyo kaSimakade.