UJobe Ubeka Udaba Lwakhe Ngosizi
1“Umshikashika
akusiwo yini owabantu emhlabeni,
nemihla yabo ayinjengayo yini
eyomqashwa na?
2Njengesigqila silangazelela ithunzi,
nosebenzayo elindele umholo wakhe,
3kanjalo ngabelwe izinyanga zokungenanzuzo,
ngamiselwa ubusuku benhlupheko.
4Nxa ngilala ngithi:
‘Ngiyovuka nini na?’
Ubusuku bude,
kuze kuse ngibinyabinyeka.
5Umzimba wami wembozwe yizimpethu nothuli.
Isikhumba sami siyaphola,
sibuye sibhicike.
6“Imihla yami iyashesha kunesaluko,
iphela ingenathemba.
7Khumbula ukuthi
ukuphila kwami kungumoya,
iso lami aliyukubuye likubone okuhle.
8Iso elingibonayo alisayukungibona,
amehlo akho esangibhekile,
ngiyobe ngingasekho.
9Njengokuba ifu linyamalala
lingabe lisaba bikho,
unjalo-ke owehlele endaweni yabafileyo, akasayukukhuphuka.
10Akasayukubuyela endlini yakhe,
indawo yakhe ayisayukumazi.
11“Ngakho-ke nami angizukuwunqanda
umlomo wami,
ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami,
ngikhononde ngomunyu
emphefumulweni wami.
12Ngilulwandle yini,
noma inkanyamba yolwandle,
uze ungibekele abalindi na?
13Lapho ngithi:
“Umbhede wami uzongiduduza,
icansi lami lingithwalise
ukukhononda kwami,
14uyangesabisa ngamaphupho,
ungethuse ngemibono,
15ukuze umphefumulo wami
uqoke ukuklinywa nokufa
kunokuba ngibe kulo mzimba.
16Ngiyakuzonda ukuphila kwami,
angiyukuhlala njalo, ngiyeke,
ngokuba imihla yami iyize.
17Uyini umuntu ukuba umenze abe mkhulu,
nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,
18nokuba umhambele njalo ekuseni,
umhlole imizuzu ngemizuzu na?
19Kuyoze kube nini
ungawasusi amehlo akho kimi na?
Ngiyeke ngize ngigwinye
isikhwehlela sami.
20Uma ngona,
ngenzani kuwe mlindi wabantu na?
Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho,
ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?
21Awusithetheleli ngani isiphambeko sami,
ususe isono sami na?
Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini,
uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”