USimakade Uphendula UJobe
1USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi:
2“Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi
angenalwazi na?
3Bopha ukhalo lwakho njengendoda,
ngizokubuza, wena ungazise.
4Wawukuphi lapho ngibeka
izisekelo zomhlaba na?
Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.
5Ngubani owamisa izilinganiso zawo,
ngabe uyazi na?
Ngubani owelula umucu wokulinganisa
phezu kwawo na?
6Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na?
Labekwa ngubani itshe lawo legumbi,
7lapho izinkanyezi zokusa
zihlabelela kanyekanye,
nawo wonke amadodana
kaNkulunkulu ejabula na?
8“Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo,
lapho luqhibuka, luphuma esiswini,
9ngesikhathi ngibeka amafu
eba yisembatho salo,
nesigayegaye siba yimbeleko yalo,
10nalapho ngilumisela umngcele walo,
ngimisa imigoqo nezicabha,
11ngathi:
‘Uyokhuphuka ugcine lapha,
kepha awuyukudlula,
kulapho amaza akho
aziqhenyayo azokuma khona’?
12“Selokhu waba khona,
sewake wakuyala yini ukusa,
wenza intathakusa iyazi indawo yayo,
13ukuze ibambe amagumbi omhlaba,
izikhohlakali zivuthululwe kuwo na?
14Uguquka njengobumba lophawu lokusicilela,
ludayiwe njengesembatho.
15Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini,
kwaqedwa nobudlova bazo.
16“Wake wangena emithonjeni yolwandle,
wahamba phansi ezinzulwini zalo na?
17Sewake wawakhonjiswa yini
amasango okufa,
wabona amasango ethunzi lokufa na?
18Uyabuqonda yini ububanzi bomhlaba na?
Yisho uma ukwazi konke lokho.
19“Iphi indlela eya lapho
kuhlala khona ukukhanya,
nobumnyama na?
iphi indawo yabo,
20ukuze ukuyise endaweni yakho,
uqonde imikhondo yendlu yakho na?
21Angithi uyakwazi,
ngokuba wawusuzelwe,
nomumo wemihla yakho mkhulu na?
22“Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa,
wabona izinqwaba zesichotho
23engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka
nosuku lokulwa nolwempi na?
24Iphi indlela eya lapho
ukukhanya kuhlakazwa khona,
nalapho umoya wasempumalanga
uhlakazekela khona emhlabeni na?
25Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi,
umsele nonyazi lokuduma, indlela,
26ukunisa imvula ezweni
elingahlalwa muntu,
nasehlane elingenamuntu,
27ukusuthisa ihlane kwahlongasibi
nokuhlumisa uhlaza na?
28Ukhona yini uyise wemvula na?
Ngubani owazala amathonsi amazolo na?
29Iqhwa liphuma esiswini sikabani,
nesithwathwa sizalwa ngubani na?
30Amanzi ayaqina abe njengetshe,
ubuso botwa bube yiqhwa.
31“Ungawabopha yini amaketanga eSilimela,
uthukulule izintambo zeMpambano na?
32Ungazikhipha yini izinkanyezi ngesikhathi sazo,
uhole uMthala nohoye lwezinkanyezi zawo na?
33Uyazazi yini izimiso zasezulwini?
Ungazibekela yini
umthetho wokubusa kwazo emhlabeni na?
34“Ungamemeza yini kuze kuzwakale emafini,
ukuze izikhukhula zikusibekele na?
35Ungayithuma yini imibani ukuba ihambe,
bese ithi kuwe:
‘Bheka, silapha’ na?
36Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,
onika ukuqonda enhliziyweni na?
37Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,
athulule izimvaba zamanzi zasezulwini,
38lapho uthuli luphenduka isigaxa,
namagabade anamathelane na?
39“Ungalizingelela yini ibhubesi, impango,
usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,
40lapho elala emiphandwini yawo,
noma ecuthe ehlozini na?
41Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo,
lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu,
ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”