Inkulumo Yesithathu Ka-Elifazi
1U-Elifazi umThemani wayesethatha, ethi:
2“Umuntu angaba yini
wusizo kuNkulunkulu na?
Ohlakaniphe kakhulu
angaba wusizo yini kuye na?
3Kuyintokozo yini kuSomandla uma ulungile?
Kunomvuzo yini kuye
uma wenza izindlela zakho
zibe msulwa na?
4“Ngabe ukusola ngenxa yokumesaba
kwakho yini,
aze angene nawe ekwehlulelweni na?
5Ububi bakho abubukhulu yini na?
Izono zakho azinakuphela.
6Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kubafowenu,
wahlubula abampofu izingubo zabo.
7Awumphuzisanga amanzi okhatheleyo,
awumnikanga ukudla olambileyo.
8Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;
ohlonishwayo uhlala kulo.
9Uxoshe abafelokazi bengenalutho,
wafihliza izingalo zezintandane.
10Ngakho-ke uzohaqwa yizingibe;
wethuswe wuvalo oluzumayo.
11Uyokwembozwa ngubumnyama,
ukuze ungaboni,
nesikhukhula samanzi siyakukusibekela.
12“UNkulunkulu akekho yini
phezulu ezulwini na?
Bheka, izinkanyezi eziphakemeyo
ukuthi ziphakeme kangakanani.
13Uthi wena:
‘UNkulunkulu wazini na?
Angehlulela yini engale
kwesigayegaye na?
14Amafu ayamsibekela
ukuze angaboni;
uhamba esiyingelezini sezulu.’
15Uyakuyigcina yini indlela yasemandulo
eyahanjwa yizikhohlakali na?
16Yizo ezahlwithwa kungakabi yisikhathi,
ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,
17ezazithi kuNkulunkulu:
‘Suka kithi;
uSomandla angenzani na?’
18Kepha nguye owagcwalisa izindlu zazo ngokuhle.
Amasu ezikhohlakali akude nami.
19“Abalungileyo bayakukubona, bathokoze;
abangenasici bayabaklolodela, bathi:
20‘Impela ababemelene nathi sebebhujisiwe,
nabakushiyileyo kuqothulwe ngumlilo.’
21“Mawubuyisane noNkulunkulu,
ukuze ube nokuthula;
ngaleyo ndlela, okuhle kuyakufika kuwe.
22Ake wemukele imfundiso
ephuma emlonyeni wakhe,
ubeke amazwi akhe
enhliziyweni yakho.
23Uma ubuyela kuSomandla, uyakusimamiswa,
uma ususa ukungalungi ethendeni lakho,
24ulahle igolide lakho othulini,
nelase-Ofiri ulitshinge phakathi
kwamatshe esigodini,
25uSomandla uyakuba yigolide lakho
nesiliva elikhazimulayo kuwe.
26Ngalokho uyothokoza ngoSomandla,
ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu.
27Uyakukhuleka kuye, akuzwe,
wena ufeze izithembiso zakho.
28Uyakunquma ukwenza okuthile,
kwenzeke,
ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho.
29Uma bekwehlisa isithunzi,
uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’
ngokuba uyamsindisa ozithobayo.
30Umuntu ongemsulwa uyakumhlenga naye,
uyakumhlenga ngobumsulwa bezandla zakho.”