Inkulumo Yesibili KaBhilidadi
1UBhilidadi umShuhi wayesethatha, ethi:
2“Uyokuyeka nini lokhu kukhuluma na?
Ake ucabangisise, bese siyakhuluma.
3Kungani sithathwa njengezilwane,
siyizithutha yini emehlweni akho na?
4Wena ozidwengulayo ngenxa yolaka lwakho,
umhlaba uyoshiywa yini ngenxa yakho,
nedwala lisuswe endaweni yalo emhlabeni na?
5Yebo, ukukhanya kwesikhohlakali kuyacishwa,
nelangabi lomlilo waso aliyukukhanya.
6Ukukhanya kuyafiphala ethendeni laso,
nesibani saso siyacima phezu kwaso.
7Izinyathelo zaso ezinamandla ziyafinyezwa,
namasu aso asiqumbe phansi.
8Ngokuba izinyawo zaso zibanjwe enethini,
sihamba phezu komwowane.
9Unoxhaka usibambe esithendeni,
nogibe lwasibamba.
10Sithukuselwe isihibe emhlabathini,
nonoxhaka endleleni.
11Ingebhe iyasethusa nxazonke,
isezithendeni zaso.
12Inhlupheko isilambele,
nenhlekelele isilindele lapho sikhubeka.
13Izingxenye zesikhumba saso ziyakudliwa,
yebo, izibulo lokufa
kuyawadla amalungu aso.
14Siyakususwa ethendeni laso esilethembayo,
siyiswe enkosini yengebhe.
15Ethendeni laso kuyohlala okungesibo abaso,
indawo yaso ichelwe ngesibabuli.
16Kuyokoma izimpande zaso phansi,
phezulu kubune amagatsha aso.
17Kuyakuphela ukukhunjulwa kwaso emhlabeni,
kungabi bikho okhumbula
igama laso emigwaqweni.
18Siyakuxoshwa ekukhanyeni,
siyiswe ebumnyameni,
sixoshwe emhlabeni.
19Asiyukuba nabantwana
noma abazukulu phakathi kwabakubo,
noyosinda lapho sasihlala khona.
20Abasentshonalanga bethuswa lusuku lwaso,
nabasempumalanga bakhungathwa ngukwesaba.
21Impela lezi yizindlu zowenza okubi,
impela lena yindawo yongamazi uNkulunkulu.”