Inkulumo Yokuqala KaZofari
Ngokungazi Kwakhe UJobe Akakuqondi Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu
1Wayesethatha uZofari waseNahama, wathi:
2“Ngabe awayukuphendulwa yini
amazwi amaningi kangaka na?
Iphoshophosho lingaxolelwa yini na?
3Ukuqavitha kwakho
kufanele kubathulise
yini abantu na?
Nalapho ukloloda,
akekho yini ongakuthela ngehlazo na?
4Ngokuba uthe:
‘Ukufundisa kwami kulungile;
ngimsulwa emehlweni akho Nkulunkulu.’
5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,
akuvulele izindebe zakhe,
6akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe,
ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi,
ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza
ukhohlwe yingxenye yecala lakho,
ukuze kube kuhle kuwe.
7“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na?
Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
8Kuphakeme kunezulu, ungenzani na?
Kujulile kunendawo yabafileyo,
ungazini ngakho na?
9Isilinganiso sakho side kunomhlaba,
sibanzi kunolwandle.
10Uma edlula, avalele,
abizele ekwehluleleni,
ngubani ongamvimba na?
11Ngokuba uyabazi abantu bamanga,
lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?
12Uma umuntu ongahlakaniphile
engaba ngohlakaniphileyo,
nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.
13“Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho,
welulela izandla zakho kuye,
14uma udedisele kude inkohlakalo esesandleni sakho,
ungakuhlalisi ukungalungi emathendeni akho,
15impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,
uyokuma uqine, ungenakwesaba.
16Uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,
uyakukukhumbula njengamanzi adlulileyo.
17Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini;
nobumnyama buyofana nokusa nje.
18Uyoba ngophephile,
ngokuba likhona ithemba,
uyovikeleka kahle,
ulale phansi uphephile.
19Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo;
abaningi bayakuzincengela kuwe.
20Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala;
ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela;
ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”