UJudithi 15
Ukunqoba Kuka-Israyeli
1Kwathi ukuba amadoda ayesemadlangaleni ezwe lokhu amangala ngokwakwenzekile. 2Angenwa yingebhe aqhaqhazela ngenxa yokwesaba, akekho owalinda omunye, kodwa bonke babaleka kanye kanye bachitheka bagcwala amathafa, benqamula nasezintabeni. 3Labo ababekanekise ngasezintabeni bezungeze iBhethuliya nabo babaleka. Ngakho-ke wonke amabutho akwa-Israyeli, aphuthuma abathelekela. 4U-Uziya wathumela amadoda eBhayithomasithayimi, eBheyibhayi, eShoba, eKhoba naseKhola, nakuzo zonke izinhla zika-Israyeli, ukuzazisa ngokwenzekileyo nokubanxusa ukuba bonke baphuthume baxoshe isitha basibhubhise.
5Lapho abakwa-Israyeli bekuzwa konke lokhu, baphuma kanye kanye basithelekela isitha, badicilela phansi ngenkemba abaningi kwaze kwaba seShoba. Ngokunjalo nababeseJerusalema nasezweni lezintaba baphuma, ngokuba babetsheliwe konke okwenzekileyo esikhungweni sempi yesitha sabo. Amadoda akwaGileyadi nawaseGalile abahlanganisela acekela phansi abaningi, ngisho nangaphesheya kweDamaseku nemingcele yalo. 6Ezinye zezakhamuzi zaseBhethuliya zababela esikhungweni sempi yama-Asiriya zadla impango kuso, zathola nengcebo eningi kakhulu. 7Abakwa-Israyeli, lapho bebuya ekubulaleni isitha, baphanga impahla yesitha eyayisele. Ngisho izigodi nemizi imbala zathola enkulu impango le, ngokuba yayiningi kakhulu.
U-Israyeli Ugubha Umkhosi Wokunqoba
8Kwase kuthi uJowakimi umphristi omkhulu kanye nababusi bakwa-Israyeli ababakhe eJerusalema beza ukuzofakazisa izindaba ezinhle uNkulunkulu azenzele u-Israyeli, nokubona uJudithi bamfisele okuhle. 9Lapho sebengenile bambona, bambusisa bonke ngazwilinye bathi: “Ungumqhele nodumo lweJerusalema, u-Israyeli uyazigqaja ngawe, isizwe sakithi siyaziqhenya kakhulu ngawe. 10Ukwenzile konke lokhu ngesandla sakho; umenzele okuhle kakhulu u-Israyeli, uNkulunkulu uthokozile ngawe. Sengathi iNkosi uSomandla ingakubusisa kuze kube phakade!”
Bonke abantu bathi: “Amen.” 11Bonke abantu baphanga isikhungo izinsuku ezingama-30. Bamnika uJudithi idlangala likaHolofernesi, nazo zonke izitsha zakhe zokudlela zesiliva, imibhede yakhe, izitsha zakhe ezifayo, nempahla yonke yakhe. Wakuthatha wakukhweza emnyuzini wakhe, wabophela inqola, walayisha kuyo impahla. 12Bonke abesifazane bakwa-Israyeli bahlangana ndawonye ukuzombona, nokumbusisa, abanye babo bamsinela bemhlonipha. UJudithi wathatha okusamqhele okwakusesandleni sakhe wakunikeza abesifazane ababenaye; 13kwase kuthi yena nalabo ababenaye bazethwesa imiqhele eyenziwe ngomnqumo, wabe esehamba esina phambi kwabantu bonke, ehola bonke abesifazane, onke amadoda akwa-Israyeli alandela ngemuva, ehlomile futhi ehlobe ngemigexo yezimbali ehuba amahubo.
Indumiso KaJudithi
14UJudithi waqala ukuhlabelela le ngoma yokubonga phambi kuka-Israyeli wonkana, abantu bonke bahlokoma bevuma le ngoma yendumiso.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.