1Sekuhlwile izinceku zakhe zashesha zayophumula. UBhagowasi wayesevala itende ngaphandle, wazivalela ngaphandle zonke izikhonzi zenkosi yakhe. Bahamba bayolala ngokuba bonke babekhathele phela idili lalithathe isikhathi eside kakhulu. 2Kepha uJudithi wasala yedwa edlangaleni kanye noHolofernesi owayelele ethe mbo ngobuso embhedeni wakhe, ngokuba lalimdake kakhulu iwayini. 3UJudithi wayeyitshelile incekukazi yakhe ukuba ime ngaphandle kwegumbi lokulala imlinde aze aphume, njengokujwayelekile; ngokuba wayethe, uzakuhamba ayokwenza imikhuleko yakhe njengoba wayemtshele kanjalo noBhagowasi.
UHolofernesi Unqunywa Ikhanda
4Ngakho-ke sebephumile bonke abancane nabakhulu akwasala noyedwa egumbini lokulala, uJudithi emile ngasembhedeni kaHolofernesi wathi enhliziyweni yakhe: “Awu! Nkosi Nkulunkulu Somandla, ngibheke ngaleli hora, ubone umsebenzi wezandla zami wokuphakamisa iJerusalema. 5Manje sekuyisikhathi sokuba usize ifa lakho nesokufeza umsebenzi wami wokubhubhisa izitha ezisivukeleyo.”
6UJudithi waya ngasensikeni yombhede eyayiseduze kwekhanda likaHolofernesi, wethula inkemba yakhe eyayiphanyekwe lapho. 7Wasondela eduze kombhede, wabamba izinwele zekhanda lakhe, wathi: “Nginike amandla namuhla, Nkosi Nkulunkulu ka-Israyeli!”
8Wayesemgenca kabili entanyeni ngenkemba ngamandla akhe wonke, wanquma ikhanda lakhe. 9Wayesesiginqa isidumbu sakhe esiwisa embhedeni, wahenqa umpheme kusuka ezinsikeni zawo. Waphuma masinyane emveni kwalokho wanikeza incekukazi yakhe ikhanda likaHolofernesi, 10yona-ke yalifaka esikhwameni sayo sokuphatha ukudla; base bephuma bobabili njengenhlalayenza baya kokhuleka.
UJudithi Nencekukazi Yakhe Babuyela EBhethuliya
Badabula esigodini, bagudla izindonga bekhuphuka, baze bafika eBhethuliya esezintabeni, kwathi lapho besondela esangweni, 11uJudithi wamemeza abaqaphi bomuzi ekude ethi: “Vulani! Vulani amasango! UNkulunkulu, uNkulunkulu wethu usenathi, uwabonakalisile amandla akhe ku-Israyeli, naphezu kwezitha zethu; ukwenzile lokhu ngalolu suku.”
12Lapho amadoda omuzi ezwa izwi lakhe, ehla ngokushesha aphuthuma esangweni lomuzi ayesebiza nezikhulu zomuzi. 13Bagijima bonke abancane nabadala, ngokuba kwakungakholakali ukuthi ubuyile, bavula isango ukuba bamemukele. Base bekhanyisa umlilo ukuze kube nokukhanya, babazungeza. 14UJudithi wayesethi kubo ngezwi elikhulu: “Makadunyiswe uNkulunkulu! Makadunyiswe uNkulunkulu! ongawudedisile umusa wakhe endlini ka-Israyeli, ngokuba uzibhubhisile izitha zethu ngesandla sami kulobu busuku!”
15Wayesekhipha ikhanda esikhwameni sakhe wabakhombisa lona, wathi kubo: “Bonani, nanti ikhanda likaHolofernesi, umkhuzi wempi yama-Asiriya, futhi nanku umpheme abelele ngaphansi kwawo edakwe ephelile. UNkulunkulu umdilizile wambhubhisa ngesandla sowesifazane. 16Kuphila kukaNkulunkulu, ongivikele endleleni ebengiyihambile, ngiyafunga ngithi ngubuso bami obumyengele ekufeni, nokuthi akenzanga sono kimi, sokungingcolisa nokungithela ngehlazo.”
Ubusisiwe Esifazaneni
17Bonke abantu bamangala kakhulu base bekhothama bamkhonza uNkulunkulu, bethi ngazwi linye: “Uyabongeka wena Nkulunkulu wethu, okuthe ngalolu lusuku wazithela ngehlazo izitha zabantu bakho.”
18U-Uziya wayesethi kuye: “Ndodakazi, ubusisiwe nguNkulunkulu Ophezukonke ngaphezu kwesifazane sonke emhlabeni, futhi mayibongwe iNkosi uNkulunkulu, uMdali wezulu nomhlaba, okuqondisile ukuba unqume ikhanda lomholi wezitha zethu. 19Ukholo lwakho alunakukhohlakala ezinhliziyweni zalabo abakhumbula amandla kaNkulunkulu kuze kube phakade. 20Sengathi uNkulunkulu ngalesi senzo angakupha ukuhlonishwa okungapheliyo, akuvuze ngezibusiso, ngokuba udele ukuphila kwakho lapho isizwe sethu sidelelwa, futhi wakuvika ukubhujiswa kwethu, uhamba ngokukholeka phambi kukaNkulunkulu.”
Bonke abantu bathi: “Amen! Amen!”