UJudithi 1
Impi Phakathi KukaNebukhadinezari No-Arifaksadi
1Ngonyaka we-12 wokubusa kukaNebukhadinezari, owayebusa ama-Asiriya emzini waseNinive, ngalezo zinsuku u-Arifaksadi wayebusa amaMede ase-Ekbhathana, 2wayibiyela i-Ekbhathana ngogange olwalwakhiwe ngamatshe ayelugqinsi olungamakhubhithi amathathu, ubude bungamakhubhithi ayisithupha. Wakha ugange lwaba ngamakhubhithi angama-70 ukuphakama, ububanzi balo bungamakhubhithi angama-50. 3Emasangweni awo wamisa imibhoshongo ekuphakama kwayo kungamakhubhithi ayikhulu kanti ububanzi bayo ezisekelweni babungamakhubhithi angama-60. 4Wenza amasango awo aba ngamakhubhithi angama-70 ukuphakama kanti ububanzi bungamakhubhithi angama-40 ukuze impi yakhe ikwazi ukuphuma ikhululekile futhi ikwazi ukushaya uhele ngokwamaviyo ayo.
5Ngalezo zinsuku inkosi uNebukhadinezari waphumela ukuhlasela umbuso ka-Arifaksadi ethafeni elikhulu elalisemngceleni waseRagawu. 6Bonke abantu ababehlala ngaseYufrathe naseThigrisi naseHydaspes nasethafeni, kanye no-Ariyokhi inkosi yase-Elymeans beza kuye. Ngakho izizwe eziningi zahlanganyela zaba lumbimbi lunye namadodana amaKhaledi. 7UNebukhadinezari inkosi yama-Asiriya, wase ethumela izithunywa kubo bonke ababehlala ePheresiya, entshonalanga, eKhilikhiya, eDamaseku, eLebanoni kanye nanganeno kweLebanoni, nabo bonke abahlala ngasogwini lo lwandle, 8nabo bonke abaphakathi kwezizwe zaseKhameli nakwaGileyadi, enhla neGalile nasethafeni elikhulu lase-Esdraloni, 9nabo bonke abaseSamariya kanye namadolobha akhona, nangaphesheya kweJordani kuze kube seJerusalema naseBethani, naseKhelowusi, naseKhadeshi kanye nomfula waseGibhithe, neTehpahnesi kanye neRamasesi nalo lonke elaseGosheni, 10kuze kube ngaphesheya kweTanisi neMemfisi nabo bonke abahlala eGibhithe kuze kube semingceleni yaseTopiya.
11Bonke ababehlala kuleyo ndawo balidelela izwi likaNebukhadinezari, inkosi yase-Asiriya, abezanga ukuhlanganyela naye empini; ngokuba babengamesabi, kubo wayengumuntu nje. Ngakho-ke baziphindisela emuva izithunywa zakhe zingaphethe lizwi kodwa bezithele ngamahloni. 12Ngakho uNebukhadinezari walithukuthelela kakhulu lelo lizwe, wafunga ngesihlalo sakhe nangombuso wakhe ukuthi uyoziphindisela kulo lonke elaseKhilikhiya, naseDamaseku, naseSiriya, nokuthi futhi uyozibulala ngesinkemba zonke izakhamuzi zezwe lakwaMowabi, nabantu bakwa-Amoni, neJudiya lonke, bonke abaseGibhithe, kuze kube sosebeni lwezilwandle ezimbili.
13Ngomnyaka weshumi nesikhombisa uNebukhadinezari waphuma ngamandla ukulwa nombuso ka-Arifaksadi wawehlula empini, wayichitha yonke impi ka-Arifaksadi nabamahhashi nezinqola zakhe. 14Ngakho wadla amadolobha akhe waze wafinyelela e-Ekbhathana, wathumba imibhoshongo yalo, wadla indawo enkulu yezwe labo, waphendula udumo lwalo lwaba yihlazo. 15Wambamba u-Arifaksadi ezintabeni eRagawu wamthela othulini ngomkhonto, wamchitha kanjalo ngalezo zinsuku emshabalalisa isiphelo. 16Wayesebuyela eNineve, yena nendidiyela yamabutho akhe noquqaba olukhulu; sebefike lapho baphumula bagubha umkhosi wokunqoba izinsuku ezili-120.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.