Isibingelelo
1Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.
Ukuyala Ngezilingo
2Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, 3nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. 4Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho. 5Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho. 6Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale. 7Ngakho-ke lowo muntu makangasho ukuthi uyakwemukeliswa utho yiNkosi, 8ngokuba ungumuntu ongqondo imbaxambili, engazinzile ezindleleni zakhe zonke.
Mayelana Nobumpofu Nokuceba
9Umzalwane ompofu makazincome ngokuphakanyiswa kwakhe, 10noyisicebi azituse ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba uyakushabalala njengembali yotshani. 11Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunise utshani, imbali ekubo ivuthuke, nobuhle bokubukeka kwayo bunyamalale; kanjalo-ke nesicebi siyakushabalala ezindleleni zaso.
Mayelana Nokulingwa
12Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.
13Makungabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu. 14Kepha yilowo nalowo muntu ulingwa, ahuhwe yizinkanuko zakhe, futhi ahuheke. 15Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa.
16Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa. 17Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. 18Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.
Mayelana Nokukholwa Okunezenzo
19Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela. 20Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu. 21Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
22Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa. 23Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; 24uyazibuka, athi angahamba, akhohlwe masinyane ukuthi ubenjani. 25Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
26Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize. 27Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.