UKhristu Usenguye Umphristi Omkhulu Nasezulwini
1Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, 2uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.
3Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu, ugcotshelwe ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo. Ngakho-ke kudingekile ukuba naye luqobo abe nakho okuthile azonikela ngakho. 4Ukuba ubesemhlabeni ubengeke abe ngumphristi nakanye, ngokuba bakhona abaphristi abanikela ngeminikelo ngokomthetho, 5bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”
6Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
Isivumelwano Esisha Sikhulu Kunesidala
7Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala sasingenasici, bekungeke kufunwe isivumelwano sesibili. 8Kepha lapho ebasola, uthi kubo:
“Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi,
“lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha
nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,
9esingafani nesivumelwano
engasenza nokhokho babo
mhla ngibabamba ngesandla
ngibakhipha eGibhithe;
ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami,
nami angibanakanga,” kusho iNkosi.
10“Ngokuba yilesi isivumelwano
engiyakusenza nendlu ka-Israyeli
emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi:
“ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,
ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,
ngiyoba nguNkulunkulu wabo,
bona babe ngabantu bami.
11Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo,
nomunye efundisa umfowabo, ethi:
‘Yazi iNkosi.’
Ngokuba bonke bayakungazi,
kusukela kwabancane kuya kwabadala.
12Ngokuba ngiyakubahawukela nakuba bonile,
ngingabe ngisazikhumbula nezono zabo.”
13Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.