Iziyalo Ezehlukahlukene
1Uthando lobuzalwane maluqhubeke njalo. 2Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi. 3Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.
4Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo. 5Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,” 6ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba;
umuntu angangenzani na?”
7Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. 8UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade.
9Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho. 10Thina sine-althare, abangenalungelo lokudla kulo labo abakhonza ethabanakelini.
11Izidumbu zezilwane igazi lazo elingeniswa ngumphristi omkhulu endaweni engcwele, zikhishelwa ngaphandle kwenkambu ngenxa yezono. 12Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. 13Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwenkambu, sithwale ihlazo lakhe. 14Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo.
15Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe. 16Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.
17Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.
Umkhuleko Wokuvalelisa
18Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke. 19Ngiyanincenga kakhulu ukuba nenze lokho, ukuze ngibuyiselwe kinina masinyane.
20Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu, 21makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.
Isiphetho
22Ngiyanincenga bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele lona ngamazwi amafuphi.
23Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu usekhululiwe. Uma efika masinyane ngizakunibona kanye naye.
24Khonzani kubo bonke abaniholayo, nakubo bonke abangcwele. Abase-Ithaliya bayakhonza kini.
25Umusa mawube nani nonke. Amen.