UMoya Wamukelwa Ngokukholwa
1Maye ziwula zamaGalathiya! Niluthwe ngubani nina enachazelwa ngoJesu Khristu ebethelwe esiphambanweni, kwaba sengathi nimbona ngamehlo na? 2Ngifuna ukwazi lokhu kuphela kini, ukuthi namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na? 3Nilutheke kangako yini ukuba nithi niqale kuMoya, kodwa senigcina ngemisebenzi yenyama na? 4Nahlushwa ngazo zonke lezi zinto ngeze na? Phela lokho impela kungabe kwakuyize. 5Ngabe oninika uMoya aveze imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza lokho ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?
Umuntu Ulungisiswa Ngokukholwa
6Njengalokho u-Abhrahama akholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, 7yazini lokhu ukuthi abokukholwa yibo abalulibo luka-Abhrahama. 8Umbhalo wakubona ngaphambi kwalokho ukuthi uNkulunkulu uyakuzilungisisa izizwe ngokukholwa, ngakho-ke ivangeli lashunyayelwa phambilini ku-Abhrahama, ukuthi: “Zonke izizwe ziyakubusiswa kuwe.”
9Ngalokho-ke abokukholwa babusisiwe kanye no-Abhrahama owayekholwa.
10Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”
11Kusobala manje ukuthi akekho umuntu olungisiswa ngomthetho phambi kukaNkulunkulu, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa. 12Kepha umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa lowo owenza zonke lezi zinto uyakuphila ngazo. 13UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,” 14ukuba isibusiso sika-Abhrahama ngoJesu Khristu sifinyelele kwabezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
Umthetho Nesithembiso
15Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu, ukuthi akukho muntu ongesula noma anezele esivumelwaneni esenziwe saqiniswa ngumuntu. 16Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu. 17Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso. 18Ngokuba uma ifa lizuzwa ngomthetho, akusayi ngesithembiso, kodwa uNkulunkulu umnikile u-Abhrahama lona ngesethembiso.
Inhloso Yomthetho
19Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli. 20Umlamuleli ubalulekile uma kukhona izinhla ezimbili; kasiye owoyedwa, kepha uNkulunkulu munye.
21Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho. 22Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo.
Umthetho Ongumyali Uyisa KuKhristu
23Kodwa ngaphambi kokuba kufike ukukholwa, sasivalelwe phansi komthetho, sasiqashelwe yiwo kwaze kwembulwa ukukholwa. 24Ngakho umthetho wawungumqaphi wethu osiyisa kuKhristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. 25Lokhu ukukholwa sekwafika, asisekho phansi komthetho.
26Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu. 27Ngokuba nonke enabhabhadiselwa kuKhristu, nembatha uKhristu. 28Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu. 29Kepha uma ningabakaKhristu, seningabolibo luka-Abhrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.