KwabaseGalathiya 1
Isibingelelo
1UPawula, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Khristu noNkulunkulu uYise, Yena owavusa uJesu kwabafileyo, 2nabazalwane bonke abanami kuwo wonke amabandla aseGalathiya: 3makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu, 4owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu. 5Makube udumo kuye kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ukuhlubuka KwabaseGalathiya Kulo Ivangeli Eliyilo
6Ngiyamangala ukuthi senimhlubuke ngokushesha okungaka owanibiza ngomusa kaKhristu, nina-ke seniya kwelinye ivangeli. 7Kungeyikho ukuthi ngelinye nje, kodwa kukhona abanididayo, beqonde ukuhlanekezela ivangeli likaKhristu. 8Kepha noma ngabe yithi noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo esanishumayeza lona, lowo makaqalekiswe. 9Njengalokho sasho phambilini, sisasho namanje ukuthi uma kukhona onishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo enalemukelayo, lowo makaqalekiswe.
UPawula Wathola Ubuphostoli KuNkulunkulu
10Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu. 11Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elishunyayelwe yimi akusilo elivela kubantu. 12Nami angilemukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngalemukela ngokwambulelwa nguJesu Khristu. 13Phela nizwile ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni, ukuthi ngalihlupha kakhulu kangakanani ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha. 14Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami. 15Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe, 16ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi. 17Angenyukelanga ngisho naseJerusalema kubaphostoli ababephambi kwami, kodwa ngaya e-Arabhiya ngase ngibuyela eDamaseku. 18Kwathi emva kweminyaka emithathu, ngakhuphukela eJerusalema ukuze ngiyobonana noKhefase futhi ngazane naye. Ngahlala naye izinsuku ezili-15. 19Angibabonanga abanye abaphostoli ngaphandle kukaJakobe umnewabo weNkosi. 20Manje-ke, izinto enginilobela zona, phambi kukaNkulunkulu, azisiwona amanga. 21Emveni kwalokho, ngaya ezifundeni eSiriya naseKhilikhiya. 22Kepha mina siqu ngangingaziwa ngamabandla aseJudiya akuKhristu, 23kuphela nje ayezwa ukuthi: “Lowo owayesizingela, manje useshumayela ivangeli lokukholwa ayekade elichitha.”
24Ayesemdumisa uNkulunkulu ngami.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.