Umuzi Wegazi
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Wena ndodana yomuntu uyakwehlulela, uyakuwehlulela yini umuzi ochitha igazi na? Nguwe oyakuwazisa zonke izinengiso zawo, 3uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, isikhathi sakho siyeza; wenze izithombe ukuba uzingcolise ngazo, 4unecala-ke ngegazi olichithileyo, nangezithombe ozenzileyo; ungcolile. Wenze ukuba izinsuku zakho zisheshe zifike, futhi sewufikile esiphethweni seminyaka yakho, ngakho-ke ngizokukwenza ube yihlazo ezweni, nenhlekisa emazweni wonke. 5Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.
6“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi. 7Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi. 8Ukwedelelile okungcwele kwami, wawona amasabatha ami. 9Abantu abahlebayo babekuwe ukuba bachithe igazi, badla kuwe ezintabeni, bekuwe benza ubufebe. 10Bekuwe bahlubula oyise babanqunu, bahlukumeza abesifazane abangcolileyo besesikhathini. 11Omunye wenze isinengiso nomkamakhelwane wakhe. Omunye wangcolisa umalokazana wakwakhe ngobufebe, omunye kubo wone udadewabo, indodakazi kayise. 12Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.
13“ ‘ “Impela ngenxa yenzuzo engaka engalungile oyenzile, nangegazi elikuwe, Mina ngishaya izandla ngibabaza. 14Uyakuba naso yini isibindi, nezandla zakho ziyakuqina yini ngezinsuku engiyakubhekana ngazo nawe na? Mina Simakade ngikhulumile, futhi ngiyakukwenza lokho. 15Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngikuqede ukungcola kwakho okukuwe. 16Wena uyakungcoliswa emehlweni ezizwe. Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade.” ’ ”
17Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 18“Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi. Bonke sebeyithusi, ithini, insimbi nomthofu phakathi esithandweni somlilo; bangamanyela esiliva. 19Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngakho-ke bhekani, ngiyakuniqoqela phakathi eJerusalema. 20Njengalokhu kuqoqwa isiliva, ithusi, insimbi, umthofu, nethini phakathi esithandweni somlilo, ukuba kuvuthelwe umlilo phezu kwakho ukuze kuncibikaliswe, kanjalo-ke nami ngiyakuniqoqa ngentukuthelo yami, nangolaka lwami, nginifake khona, nginincibilikise. 21Yebo, ngiyakuniqoqa, nginivuthele ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe kuwo. 22Njengalokhu isiliva lincibilikiswa phakathi esithandweni somlilo, kanjalo nani niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, niyakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade ngithululele ulaka lwami phezu kwenu.’ ”
23Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 24“Ndodana yomuntu, yisho kulo izwe, uthi: ‘Wena uyizwe elingahlanjululwanga, futhi langanethwa yimvula ngosuku lolaka lwami.’
25“Kukhona uzungu lwabaphrofethi bawo abakuwo, olunjengengonyama ebhongayo edwengula impango. Badle abantu, bathatha ingcebo nokuyigugu, benza baba baningi abafokazi abakuwo. 26Abaphristi bawo bawudlovile umthetho wami; bazingcolisile izinto zami ezingcwele, abakwehlukanisanga okungcwele nokuyichilo. Ababafundisanga abantu ukwehlukanisa phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo, bashalazela amasabatha ami ngokungawagcini; ngihlanjalaziwe phakathi kwabo. 27Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi. 28Abaphrofethi bakhona bawugudule ngomcako, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade,’ nakuba uSimakade engakhulumanga. 29Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, babaphathe kabi abampofu nabantulayo, babacindezele abafokazi ngokungenabulungiswa.
30“Ngafuna kubo umuntu owayezokwakha ugange, ame esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalibhubhisi, kodwa angimtholanga. 31Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo, ngabaqeda nya ngomlilo wentukuthelo yami, kwathi konke abakwenzileyo ngakuthela phezu kwamakhanda abo,” kusho iNkosi uSimakade.