Amazibulo Ehlukaniselwa USimakade Nomkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo
1USimakade wakhuluma kuMose wathi: 2“Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”
3UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo. 4Namuhla, niyaphuma ngenyanga u-Abibi. 5Lapho uSimakade eseningenisa ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaHivi, nelamaJebusi, afunga ngalo koyihlomkhulu ukulinika nina, izwe elichichima ubisi noju, niyokuyigcina le nkonzo ngale nyanga. 6Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuthi ngosuku lwesikhombisa kube nomkhosi kaSimakade. 7Isinkwa esingenamvubelo siyodliwa izinsuku eziyisikhombisa; akukho mvubelo eyotholakala phakathi kwenu, futhi akuyukutholakala mvubelo kuyo yonke indawo yenu. 8Ngalolo lusuku uyoyitshela indodana yakho uthi: ‘Lokhu kungenxa yalokho uSimakade angenzela khona mhla ngiphuma eGibhithe.’ ”
9“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe. 10Lo mthetho uyakuwugcina ngesikhathi esifaneleyo minyaka yonke.”
11“Lapho uSimakade esekungenisile ezweni lamaKhanani, wakunika lona, njengoba ayefungile kuwe nakoyihlomkhulu, 12uyonikela ngawo wonke amazibulo kuSimakade, wonke amazibulo, amazibulo ezinkomo, nawo wonke amaduna ngakaSimakade. 13Kepha wonke amazibulo ezimbongolo uyowahlenga ngemvu, uma ungalihlengi uyolephula intamo, kuthi wonke amazibulo abantu endlini yakho uwahlenge. 14Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila. 15Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’ 16Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”
UNkulunkulu Usindisa U-Israyeli
17Ngesikhathi uFaro ebakhulula abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabavumelanga ukuba bahambe ngendlela yasezweni lamaFilisti, nakuba yayinqamulela, ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa abantu, uma benqwamana nempi, baguqule umqondo bese bebuyela eGibhithe.”
18UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi. 19UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela ngokwempela, anikhulule, niyakuwathwala amathambo ami lapha.”
20Basuka eSukhothi bakanisa e-Ethamu emngceleni wehlane. 21Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini. 22Akayisusanga phambi kwabantu insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku.